UHULUMENI waKwaZulu-Natal uthi unethemba lokuthi maduzane amaphoyisa azobopha bonke abathinteka ekubulaweni komthwebuli wephephandaba Isolezwe, elingaphansi kwesitebele i-Independent Media, uBongani Mbatha.
Efunda umyalezo kaNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube obengekho, uMnuz Sboniso Duma obhekele amabhizinisi kahulumeni, onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ugxeke ukubulawa ngesihluku kukaMbatha ngeledlule.
Uthe ababulali abangenazwelo baqede ngaye ngosuku olubalulekile emhlabeni, lokuzalwa kwengqalabutho uMnuz Nelson Mandela.
“Siwuhulumeni wesifundazwe sethemba ukuthi amaphoyisa maduzane azobabamba ababulali bakaMbatha. Ubeneso lesithombe njengoba ebethatha izithombe emicimbini ebalulekile esifundazweni.
Sidlulisa amazwi endunduzo emndenini wakhe, ulale ngenxeba.”
UMbatha ubulawe ngoLwesibili olwedlule ekubo eHammarsdale.
Ufihlwa namhlanje emathuneni aseMophela. Inkonzo yomngcwaco iseMagaba Hall, eMpumalanga.