NJENGOBA inyunyana iPublic Service Association (PSA) izobhikisha namhlanje ikhala ngokunyuswa kwamaholo ngo-3%, uMnyango weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha uthe kunezinhlelo ezenziwe ukuze isiteleka singabi nomthelela omkhulu.
Inyunyana enabasebenzi ababalelwa ku-235 000, izoba nombhikisho ifuna kunyuswe amaholo ngo-6.5% kodwa uhulumeni uzowufaka ngenkani u-3% wokunyusa amaholo.
UMnuz Reuben Maleka wenyunyana, uthe bayaqhubeka nesiteleka sabo ngoba abeneme ngemali yokunyusa amaholo.
Uthe miningi imikhakha kuhulumeni ezoshayeka ngesiteleka okubalwa uMnyango wezaseKhaya, owezokuThutha neminye.
“Asiwufuni u-3% wamaholo kodwa sifuna imali engaphezulu. Sizame konke okusemandleni ukuxazulula izinkinga kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.”
Ukhale ngokuthi izikhala azivalwa eminyangweni kahulumeni wathi lokhu kwandisa umsebenzi.
Isitatimende somnyango wezisebenzi zikahulumeni mayelana nesiteleka, sithe lezi zinhlelo zizoqinisekisa ukuthi akukho ukuphazamiseka okuzoba khona.
Sithe kuzolandelwa imigomo ethinta labo abatelekile sanxusa izinyunyana zabasebenzi ukuthi zibuyele ezingxoxweni.
“Sinxusa izinyunyana ukuthi zibuyele ezingxoxweni ukuze siqale ngezingxoxo zangonyaka wezimali u-2023/2024. Sifuna ukwazisa abasebenzi ukuthi imali efakiwe izovela ngoNovemba 17, 2022.”
Liphendula imibuzo ePhalamende izolo iPhini likaNgqongqoshe walo mnyango uDkt Chana Pilane-Majake, lithe imali okunyuswe ngayo amaholo ngu-7.5% hhayi lo-3% izinyunyana ezithi kunyuswe ngawo.
UDkt Pilane-Majake uthe kunyuswe imali ngo-3% kanti uR1 000 ozonikwa abasebenzi nyanga zonke ulingana no-4.5%.
Mayelana nesiteleka sabasebenzi uthe umthetho uyabavumela ukuteleka.
“Kuyilungelo labo abasebenzi ukuthi uma bengeneme babhikishe. Ngeke sibagxeke ngelungelo elikuMthethosisekelo.”
Umnyango wasabisa ngokuthi abasebenzi abazoteleka bazobanjelwa imali ngokohlelo lokuthi ongasebenzanga akaholi.
Njengoba namhlanje u-matric ubhala iphepha lesibili leHistory, uMnyango weMfundo eyisiSekelo uthe awukhathazekile ngoba izinyunyana zothisha aziyona ingxenye yesiteleka.
Okhulumela umnyango uMnuz Elijah Mhlanga, uthe abalindele ukuthi kube nokuphazamiseka ngoba izinyunyana aziyona ingxenye yesiteleka.
Izinyunyana zasho ukuthi ngeke zibe yingxeye yaso njengoba iSadtu engaphansi kweCosatu yaveza ukuthi iyasamukela isiphakamiso samaholo sikahulumeni.
Sihlehlisiwe isithangami ebesibizwe ngezinye izinyunyana ezidlelana kweCosatu ngesiteleka .
Nemizamo yokuthola eminye iminyango ayiphumelelanga.