I-BLACK Business Federation (BBF) ithi uhulumeni akazihlole yena ngezinhlangano ezibizwa ngele-construction mafia ezifuna umsebenzi wokwakha ngodli, zisabise abangakhokhi imali yokuvikelwa.
UNobhala Jikelele we-BBF, uMnuz Wonder Jaca, uthe inkinga yabadla umsebenzi ngenkani yaqalwa wosopolitiki abangafuni ukwenza izinto ngendlela.
Uveze ukuthi eminyakeni ewu-10 edlule, kwavunyelwana ukuthi u-30% womsebenzi wokuthuthukisa ingqalasizinda kahulumeni uzonikwa osomabhizinisi abancane abamnyama kodwa osopolitiki abalulandeli uhlelo oluqondile, bafaka abantu babo noma beze nezabo izinkampani.
“Uzokhumnbula ukuthi kudala osomabhizinisi abamnyama ababekhathele wukukhishelwa ngaphandle baqala uhlelo lokumisa imisebenzi yokwakha eThekwini namaphethelo. Sabe sesihlangana nomasipala nohulumeni wesifundazwe sesibizwa nge-Federation for Radical Economic Transformation (Ffret), kwavunyelwana ukuthi u-30% womsebenzi uzoza kosomabhizinisi abamnyama.”
Uthe banohlu lwama-forum okwakulula ukuthi uma kunohlelo lwentuthuko endaweni ethile kwaziwe ukuthi nazi izinkampani ezidinga umsebenzi.
“Osomabhizinisi abasebenzisana nathi sithole ukuthi bakhishwa inyumbazane, amakhansela, izikhulu zeminyango nabanye osopolitiki bakhetha ama-forum abo. Iye yaqala kanjalo-ke indaba ye-construction mafia efuna abantu imali.”
Uthe emhlanganweni wabo noMphathiswa weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, uMnuz Martin Meyer, balubekile lolu daba futhi banethemba lokuthi ngokusebenzisana sizotholakala isixazululo.
“Njengoba udaba lwe-construction mafia selusixakile kufanele uhulumeni uzinuke amakhwapha. Thina sifisa kube nomthetho ozolawula ukusebenza kwama-business forum ngoba akhona. Kungalula ukuwalawula uma uhulumeni esebenzisana nathi.”
Ukugcizelele ukuthi bona abaziphazamisi izinhlelo zokwakha ngakho akufanele bahlanganiswe ne-construction mafia.
Uthe amaphoyisa kufanele abophe abaphula umthetho. Wathembisa ukuthi bayasebenzisana nezinhlaka zomthetho.
UMeyer uthe umhlangano wakhe ne-BBF uhambe kahle futhi umnyango wakhe uhlale uvulelekile kubantu abalandela umthetho.