Uqhubekile nokuhlonishwa ngezindondo emazweni aphesheya, uthisha wakuleli odume ngokufundisa ngendlela ehlukile izifundo ezithathwa ngokuthi zilukhuni, i-Maths nePhysical Science.
UDkt Khangelani Sibiya, ongowokudabuka eRichards Bay udle umhlanganiso ekhala emuka nezindondo ezintathu emazweni ahlukene, okuyi-United States ,i-Dubai neCanada.
Eminyakeni edlule uSibiya ubelokhu eqoqa izindondo emazweni aphesheya emikhakheni ehlukene ekufundiseni lezi zifundo. Uthe bekungokukuqala ephakanyiswa emazweni amabili, okuyi- USA ngendondo yokuba wuthisha ovelele, emcimbini obungesonto eledlule, i-IOER International Pinnacle Awards, nasemkhakheni ofanayo emcimbini wezindondo i-Asia Pacific Global Achiever obuseCanada, emasontweni amabili adlule.
NgoLwesihlanu uhlomule ngendondo emunxeni i-Outstanding Educational Influencer kuma-AKS Education Awards, eDubai.
USibiya, ongumsunguli wesikhungo esilekelela kubafundi kulezi zifundo, i-KWV Maths and Science Training naso esihlonishwe ngendondo eminxeni yezikhungo ezenza kahle, uthe lokhu kumjabulisa kakhulu.
“Lokhu kuyangithokozisa ngoba kusho ukuthi kuyabonakala ukuthi izwe (lethu) lenza kahle kakhulu uma kuziwa kwezemfundo. Ukunqoba emkhakheni lapho uqhathwe khona namazwe anazo zonke izinsiza, kukhombisa ukuthi siyizwe eliya phambili,”usho kanje.
USibiya akaqali ukuhlabana, njengoba nangonyaka odlule ubeke wahlabana ngokuba nguthisha ovelele kumaGlobal Education Awards, eDubai.