IZIMEYA zaKwaZulu-Natal zifuna kushintshwe umthetho owenza ukuthi amakhosi abe izibankwa ezabonwa undunankulu kaZulu ongasekho, inkosi Mangosuthu Buthelezi, emihlanganweni yomasipala.
Izimeya zomasipala basesifundazweni zithe ukungavunyelwa kwamakhosi ukuba avote emihlanganweni yemikhandlu kwenza ukuthi afane nezibankwa.
Zisho lokhu emva kwesimemezelo soMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, sokuthi amakhosi asezovumeleka ukuhlala emihlanganweni yekomiti elithatha izinqumo ezibalulekile komasipala, isigungu esiphezulu.
UButhelezi wenze lesi memezelo ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni wakhe nezimeya, obuseThekwini.
Amakhosi abevumeleke ukuba ingxenye yemihlangano yomkhandlu kuphela.
Izinqumo eziningi komasipala zithathwa emihlanganweni yesigungu esiphezulu.
Nakuba izimeya zikushayele ihlombe ukuvunyelwa kwamakhosi emihlanganweni yesigungu esiphezulu, zikhale ngokuthi ngeke kwenze mehluko omkhulu ngoba amakhosi azobe engavumelekile ukuvota uma sekuthathwa izinqumo.
UButhelezi uthe uzothumela bonke omasipala baKwaZulu-Natal izincwadi, ebazisa ukuthi amakhosi asezoba ingxenye yemihlangano yesigungu esiphezulu.
UButhelezi uthe akulungile ukuthi amakhosi angabi ingxenye yemihlangano ethatha izinqumo ezibalulekile.
“Amakhosi azomelwa inkosi eyodwa emihlanganweni yesigungu esiphezulu.”
Iphini likasihlalo wenhlangano yohulumeni basekhaya KwaZulu-Natal, inkosi Ntandoyenkosi Shabalala, lithe kufanele kushintshwe umthetho ukuze amakhosi ezokwazi ukuvota.
“Ukuhlala kwamakhosi emihlanganweni yesigungu esiphezulu akusho lutho ngoba awanawo amandla okuvota. Kubuhlungu ukuthi omasipala bathathe izinqumo ezibalulekile, amakhosi angakwazi ukuvota ekubeni esuke ekhona emihlanganweni.”
Imeya kaMasipala waseMhlathuze, uMnuz Xolani Ngwezi, ithe umnyango kaButhelezi kufanele unxenxe umengameli ukuba ashintshe umthetho.
“Le simo senza ukuthi amakhosi aqhubeke nokuba izibankwa. Yake yakhulunywa eyokushintshwa kwalo mthetho ngesikhathi sikaZuma (Jacob).”
Imeya kaMasipala waseMlalazi, uNkk Queen Xulu, ithe amakhosi akufanele egcine esezizwa engabalulekile emihlanganweni.
“Akufanele amakhosi ahlale lapha agcine esezibuza ukuthi abezokwenzani emihlanganweni.”
Imeya kaMasipala waseMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, inxuse izimeya ukuba zingayixhamazeleli eyokushintshwa komthetho.
Uthe lolu daba kufanele baqale baluxoxe nemikhandlu abayimele.
Iphini likasihlalo wendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal, inkosi Ngqayizivele Sithole, likwamukele ukuvunyelwa kwamakhosi ukuba ahlale emihlanganweni yesigungu esiphezulu.
“Kubalulekile ukuthi amakhosi abe khona emihlanganweni yekomiti elithatha izinqumo ezibalulekile nezithinta abantu bawo. UMntwana wakwaPhindangene wayehlezi ekusho ukuthi amakhosi ayizibankwa emihlanganweni yomkhandlu. Kubuhlungu ukuba isibankwa emihlanganweni yomkhandlu.”
USithole uthe ukuvunyelwa kwamakhosi ukuba abe ingxenye yemihlangano yesigungu esiphezulu kuzokwenza amakhosi asebenzisane kahle nomasipala.