KUSUNGULWE uhlelo oluzoqeqesha luphinde luthuthukise osomabhizinisi besifazane abancane, ngenhloso yokwakha amathuba emisebenzi emphakathini abaphila kuyo badlondlobalise nesimo somnotho.
Uhlelo lusungulwe abakwaNedbank bebambisene neSouth African Tourism, ukuqeqesha abesifazane abazimisele ngokukhulisa amabhizinisi abo ukuze enze umehluko empilweni yabantu.
Kuzotonyulwa abesifazane abangu-25 isifundazwe ngasinye, sebebonke bazoba ngu-225 abazobe bengaphansi kwalolu hlelo, bazoqeqeshwa izinyanga ezine.
Isikhulu sezokuVakasha KwaZulu-Natal uMnuz Nhlanhla Khumalo sithe sibonga isibindi salaba besifazane sokusebenza ngokuzikhandla bangaliphosi ithawula, njengoba abanye benamabhizinisi akhahlanyezwe iCovid-19, balahlekelwa okuningi.
“Ngaphansi kwalolu hlelo njengabezokuVakasha KwaZulu-Natal sifisa ukubona amabhizinisi alaba besifazane ekhula, nabo bekwazi ukuheha abatshalizimali, bakhe namathuba emisebenzi,” kusho uKhumalo.
Uthe inkulu indima edlalwa abesifazane kwezokuvakasha ngoba ngamakhono abanawo bayakwazi ukuheha izivakashi eziphuma ezindaweni ezahlukene, yingakho kubalulekile ukuthi asekwe amabhizinisi abanawo.
“Njengoba nizoqala lolu hambo lwempumelelo, ngifisa nifundise nabanye besifazane nibakhuthaze ,ikakhulukazi intsha ukuthi kumele iphokophele phambili iwasebenzise amathuba ayingqayizivele njengaleli,” kusho uKhumalo.
Umthuthukisi wezamabhizinisi kwaNedbank uDkt Nirala Reddy uthe bakujabulele ukuba yingxenye yohlelo oluzothuthukisa impilo yabesifazane ngokwebhizinisi, bangagcina nje ngokubeka imali yabantu ebhange kodwa benze umehluko empilweni yabo.
“Lolu hlelo luzofundisa abasifazene ukuba namasu amasha okudlondlobalisa amabhizinisi abo.Sizimisele ngokubaseka, sibagqugquzele ukuthi benze ucwaningo oluningi ngokuba nebhizinisi elizokungenisela imali likwazi ukuphilisa izizukulwane ezizayo,” kusho uDkt Reddy.
Owesifazane ongaphansi kwalolu hlelo onebhizinisi leBed and Breakfast uNkk Phumzile Kganye uthe ubone kubalulekile ukwenza into engajwayelekile esendaweni eselokishini.
Uthe lolu hlelo luzomfundisa kakhulu ngebhizinisi, unesifiso sokukhula afinyelele kwezinye izifundazwe aziwe ezweni lonke.
UNkk Smangele Memela onebhizinisi lezokuvakasha elibizwa nge-KwaMbali Tours uthe waqala esebenza ehhotela lomlungu, amukela izivakashi, ube esemcebisa ukuthi angenza ibhizinisi ngalokhu kwaba ukungena kwakhe kulo mkhakha.
“Ngiyathemba ukuthi ngizofunda lukhulu, ngilubone ushintsho ebhizinisini enginalo ngaphansi kwalolu hlelo, ngakhe amathuba emisebenzi, ngibe isibonelo esihle nasemphakathi,” kusho uNkk Memela.