UHLAWULISWE uR6 million wamiswa ukuthi abe yisikhulu senkampani noma umqondisi iminyaka ewu-10 uMnuz Murray Munro owayeyisikhulu sezimali eTongaat Hulett.
IBusiness Report ibike ukuthi uMunro akahambisani nesinqumo seJohannesburg Stock Exchange (JSE), wathi uzosiphikisa elandela umthetho, iFinancial Sector Regulation Act.
Kutholwe ukuthi uMunro wahluleka wukwenza umsebenzi wakhe ngendlela efanele nokuyinto eyaholela ukuthi iTongaat Hulett igcine isingena ngaphansi kohlelo lokuhlengwa kwebhizinisi ngenxa yokungabi nemali.
NgoJulayi 2020 iJSE yahlawulisa iTongaat Hulett uR7.5 million ngenxa yokuqamba amanga ngesimo sezimali sale nkampani kusukela ngo-2011 kuze kube wu-2018.
IJSE ithe amanga kaMunro yiwona enza ukuthi isimo sezimali sale nkampani sibukwe ngenye indlela.
Iveze ukuthi uMunro nguyena okwakufanele aqaphe isimo ngeso lokhozi, abhale iqiniso ngesimo sezimali.
Njengamanje abalimi bakamoba bayakhala ngezinkinga zezimali zaseTongaat Hulett ezinomthelela omubi kubo bonke abadayisa umoba.
Kuleli sonto uMnuz Andrew Russel, onguSihlalo weSouth African Canegrowers Association, uthe bakhuluma nezinhlaka zomthetho ukuze babone ukuthi ngeke yini bakwazi ukuthola uR900 million ongakhokhwanga yiTongaat Hulett ekupheleni kukaMashi.
Le mali bekufanele ikhokhelwe iSouth African Sugar Association (Sasa) ukuze idlulisele kubalimi bakamoba.
URussel uveze ukuthi abalimi bakweletwa imali yinkampani egaya umoba, iGledhow Mill, kanti isiyonke imali ekweletwa abalimi iwu-R1 billion.
Lesi simo sithinta abalimi abawu-20 000 iningi labo okungabalimi abancane.
Ukhale ngokuthi imali yokudayisa umoba yehle ngoR424 ithani okuzoba nomthelela omubi kubalimi nakubasebenzi babo.
Ugxeke ababhekelele ukuhlenga iTongaat Hulett neGledhow Mill ngokubamba imali okufanele idluliselwe kubalimi.
Uthe babhalele uNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana, uMnuz Ebrahim Patel, incwadi bemcela ukuthi angenelele kulolu daba ngoba abalimi bayayidinga imali abakweletwa yona.
Uthe basakhuluma nezinhlaka zomthetho ukuze babone ukuthi yikuphi abangakwenza ngokulandela umthetho ukuhlenga abalimi nabasebenzi babo abawu-1 million abasebenza kulo mkhakha.