UTHUKA izanya umndeni wenduna yeSilo esocongwe nabantu abathathu KwaNongoma, ngempelasonto.
UMnuz Maphemba Cuphisa Ntuli, ubulawe ngokudutshulwa ngoMgqibelo ekuseni ngabalisa abangaziwa, abavulele ngenhlamvu kuye nakwabanye abathathu.
UNtuli ubeyinduna emkhandlwini wasoSuthu.
Ubengenye yezinduna ebeziba phambili uma kunemikhosi yasendlunkulu futhi ubejwayele ukuba seduze kweSilo esesakhothama, uZwelithini kaBhekuzulu.
Ubulawe nomshana wakhe, uMnuz Mcebiseni Zondo, naye obesondelene nendlunkulu kaZulu. UZondo ubebuye abe yilungu lekomiti lomphakathi futhi enebhizinisi lokuqashisa ngamatende.
Babulawe besehholo lomphakathi, eMhambuma. Abanye ababulewe kulesi sigameko woMnuz Khanyisani “Sgonyoza” Ngema noSiyanda Zulu. UNgema noZulu bebesebenzela uZondo enkampanini yokuqashisa ngamatende.
Ilungu lomndeni elicele ukuba igama lalo lingadalulwa, lithe ngoMgqibelo uNgema noZulu bavuka baya kofaka itende komunye umuzi osendaweni.
Kuthiwa emva kwalokho babe sebeya ehholo, lapho babeyolanda khona izihlalo.
Ilungu lomndeni lithe ngesikhathi uNgema noZulu befika ehholo, babe sebebhozonyelwa ngabalisa abangaziwa.
“Lawa madoda angaziwa ababamba, abe eseyababopha. Abaphoqa ukuthi bashayele ucingo uMcebiseni. Ocingweni bathi akeze azodumisa imoto. Bathi sebeqedile ukulayisha, imoto kayivumi ukuduma.”
Ilungu lomndeni lithe uZondo noNtuli babe sebenikela ehholo beyobheka imoto ukuthi inani.
“Bathi uma befika, laba bafana bavele badubula. Bashonele endaweni yesigameko bobabili. Emva kwalokho kwabe sekudutshulwa ababili ababeboshiwe.”
Uthe akukho uNtuli noZondo abebeke bakubika obekukhombisa ukuthi impilo yabo isengozini.
Uthe sebelala obenyoni njengoba bengayazi imbangela yokubulawa kwalaba abane.
“Sisele phandle. Kuphithene amakhanda. Nami bangibulele ngiphila laba bantu. Sisanda kushiywa wumama njengoba sekwenzeka lokhu. Njengamanje sibona singaphephile njengoba singazi ukuthi wubani ozolandela. Silindele noma yini njengoba singayazi imbangela yokubulawa kwabo.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aKwaNongoma aphenya amacala amane okubulala.
“Imbangela yokubulala ayikaziwa.”
Okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana uThulani Zulu, uthe bazophawula uma udaba lokushona kukaNtuli selubikiwe endlunkulu.
Ukusocongwa kukaNtuli kulandela ukubulawa kukandunankulu womkhandlu wasoSuthu, uDkt Dumisani Khumalo, owadutshulwa ngenyanga edlule.
UKhumalo wasocongwa ebuya eMkhosini woMhlanga owawusesigodlweni eNyokeni.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, unxuse amaphoyisa ukuba asukumele udaba lokubulawa kukaNtuli nabulawe nabo.
“Singumnyango sinxusa ukuba kube nozinzo, amaphoyisa anikezwe isikhathi sokuphenya lobu bugebengu, ukuze abophe izigebengu. Sinxusa amaphoyisa ukuba enze okusemandleni awo ukuthi kuboshwe izigilamkhuba.”