ULALA obenyoni umndeni wekhansela lakuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu, eladutshulwa labulawa ngonyaka owedlule.
Umndeni usuze washiya ikhaya lawo okwabulawelwa kulo uNdlovu ngenxa yokwesaba.
Lokhu kuvezwe umphenyi wenhlangano, i-Afri-Forum, uMnuz Andrew Leask, ojutshwe ukuba alandele icala lokubulawa kukaNdlovu.
UNdlovu wabulawa phambi komndeni wakhe.
“Namanje basakhathazekile kakhulu ngokuphepha kwabo. Baze baphoqeleka ukuba bathole enye indawo yokuhlala. Nakuba sesenze izicelo eziningi zokuba umndeni uhlinzekwe ngezokuphepha, ayikho impendulo eqondile esiyitholile.”
ULeask ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngaphandle kweNkantolo kaMantshi eHowick, ngoLwesihlanu.
Umsolwa oboshelwe leli cala, uMnuz Thobane Masobho Hlongwa, uvele kule nkantolo ngalo uLwesihlanu.
Icala lakhe lihlehliselwe uNovemba 25, njengoba kusaqhubeka uphenyo.
ULeask uthe umndeni ukhathazekile ngokungaboshwa kukangqondongqondo ecaleni lokubulawa kukaNdlovu.
Kusaboshwe uHlongwa kuphela kuleli cala, akukacaci ukuthi wabamba liphi iqhaza ekubulaweni kukaNdlovu.
Ngesikhathi uHlongwa egcina ukuvela enkantolo, uMbuso wawuveze ukuthi kukhona abanye abasolwa abasazoboshwa.
ULeask uthe kubukeka uphenyo luhamba ngolonwabu.
“Njengamanje sibona sengathi basabamba ofishi abancane, abakafiki kungqondongqondo. Ukungaboshwa kwabanye abasolwa kuyasikhathaza. Nanamhlanje umsolwa uvele yedwa. Siyazibuza ukuthi ngabe bakuphi laba abanye ayesebenzisana nabo?
“Okukhathaza kakhulu ukuthi kubathathe isikhathi eside ukuthi babophe kwasayena lona oboshiwe njengamanje. Cishe kubathathe unyaka wonke ukuba babophe lona oyedwa oboshiwe. Asazi ukuthi kubambephi ngempela.”
ULeask uthe kunemikhondo eminingi amaphoyisa angafuni ukuyilandela.
“Izinhloli zahlonza enye induna yesigodi njengongqondongqondo kuleli cala kodwa kuze kube manje leyo nduna ayikaze iboshwe. Sesize sabhalela nanoNgqongqoshe wezamaPhoyisa, kodwa naye akasiphenduli.”
UNdlovu kukholakala ukuthi wabulawela ukulwa nokwebiwa kwempahla kagesi yomkhandlu. Le mpahla kagesi okubalwa kuyo nama-transformer, kuthiwa yayidayiselwa imiphakathi.
Amalungu e-DA abegcwele enkantolo ngesikhathi kulalelwe icala.