Umholi we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthi akuzange kubalimaze ukufika kweqembu Umkhonto weSizwe ngoba banyuse ukwesekwa baze badlula ne-ANC KwaZulu-Natal.
UHlabisa obekhuluma nezintatheli esikhungweni semiphumela seKhomishini yezoKhetho eMidrand, uthe bathole konke abebezibekele khona njengeqembu.
Uthe baneme ngoba i-ANC yehlelwe wukwesekwa kulolu khetho.
“Akusithintanga ukufika kweMK ngoba sikhulise ukwesekwa sadlula emavotini esawathola ngo-2019. Amanye amaqembu ashayekile. Siyiqembu elinyukelwe wukwesekwa, sizoya eziShayamthetho zezifundazwe sesithole izihlalo ezithe xaxa,” kusho uHlabisa.
Uveze ukuthi ubuholi besigungu esiphezulu seqembu buzohlangana ukuze kuphume nomhlahlandlela ngokuzokwenzeka.
“Asijahile ukuthi singene kuhulumeni wokubambisana nanoma ngubani. Sizoxoxa ngesizokwenza bese siphuma nomkhombandlela,” kusho uHlabisa.
Uthe kuzoba nomhlangano wesixaxa samaqembu abexoxa eyokusebenzisana ngaphambi kokhetho.
Ubalule nokuthi bayayamukela imiphumela yokhetho ngoba abantu baphumile ukuyovotela ukususa i-ANC emandleni.
“Silinde ihlandla elisha likahulumeni. Abavoti bakhulumile ukuthi bafuna kube nohulumeni wokubambisana, kuphelile ukuthi kube neqembu elilodwa eliphethe. Ayikho into ezomane iphasiswe manje ngenxa yokuthi kuphethe iqembu elilodwa.”
Uthe manje sekuzodingeka kutholakale umbono wamanye amaqembu ngaphambi kokuba kuphasiswe into ethile.
Uveze ukuthi nesixaxa samaqembu seneme ngokuthi i-ANC ithole ngaphansi kuka-50%, okhethweni.