USIPHO Mapalala uvele phambi kwenkantolo Yamacala Akhethekile Ezohwebo eMbombela lapho agwetshwe khona iminyaka emine.
Uphiko lweNational Prosecuting Authority (NPA) lusebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi uMapalala ayamgojela amacala abebekwe wona enkohlakalo nokuzama ukufumbathisa iphoyisa ngoJanuwari 2023.
“Umsolwa wazama ukugwazela umphenyi weSpecial Investigating Unit (SIU) ukuze enze uphenyo lweCovid-19 mayelana noGugu Bulungu lushabalale,” kusho uMonica Nyuswa okhulumela iNPA.
Uphiko loKlebe ngokubambisana nabe-SIU bacuphela uMapalala umgogo ngo-2021 ngesikhathi elungiselela ukuhambisa imali enguR50 000 ayegwazela ngayo umphenyi, waboshwa lapho ngo-Agasti 2021.
UMapalala uboshwa nje, abe-SIU babephenya inkohlakalo eyenziwa wuMnyango wezokuSebenza kukaHulumeni nowezokuThutha eMpumalanga.
Uphenyo lwaveza ukuthi kunenkampani eyayinenkontileka yokubulala izinambuzane phakathi kuka-2017/18, kodwa ngesikhathi kubhidlanga iCovid-19, lo mnyango waguqula inkontileka yale nkampani ukuze yenze umsebenzi wokuhlanza esifundeni saseHlanzeni.
“Le nkampani kwakumele ikhuculule amabhilidi kahulumeni kulesi sifundazwe, ngemuva kokwenza umsebenzi, le nkampani yakhokhelwa kaningi imali eyagcina ifinyelela kuR4.8million.”
Le nkampani yaqala ngokukhokhelwa imali enguR1,3 million ngo-2020 kwalandela ezinye izinkokhelo ezingu-R3.5 million.
Ngo-Agasti 2021 abe-SIU bapheka ngemibuzo uBulunga ongumnikazi wenkampani iMbombela Integrated and Thandolwani Transport and Properties.
“UBulunga wayephekwa ngemibuzo ngemali ayikhokhelwa ngabasebenzi bakahulumeni nezakhiwo ezathengelwa abasebenzi bakahulumeni. UBulunga waziphika lezi zinsolo.”
Kuthiwa ngemuva kwamahora ambalwa uBulunga ephekwe ngemibuzo, kwaqhamuka uMapalala eshayela umphenyi wecala emtshela ukuthi angenza noma yini ukuqinisekisa ukuthi icala liyashabalala.
UMapalala wawavuma amacala enkantolo ethi izenzo zakhe zaziphambene nomthetho.
Ngokusho kwakhe, uthi wayezama ukusiza uGugu ngoba wayebona ukuthi isimo ayengene kusona sasimkhathaza kakhulu futhi simgulisa nokuyinto eyayibeka impilo yakhe engcupheni.
UMampalala uzogcinwa ejele laseMbombela lapho azodonsa khona isigwebo sakhe.