UNGQONGQOSHE wezokuXhumana, uMnuz Mondli Gungubele, uthe kabasoze bavume ukuthi iPosi (South African Post Office) livalwe yingakho befake isicelo sokuthi lihlengwe (business rescue).
Kuzokhumbuleka ukuthi iPosi beselifakwe ohlwini lwamabhizinisi angenamali emuva kokuhluleka ukukhokhela izikweletu zalo.
Kuleli sonto, uGungubele utshele amalungu ePhalamende ukuthi bafake isicelo sokuthi iPosi lihlengwe, Lesi sicelo sizolalelwa enkantolo ngoJulayi 4.
Uveze ukuthi abantu abakweletwa yiPosi besebefake isicelo sokuthi lihlakazwe bese kudayiswa impahla yalo.
Lokhu uthe bebengeke bakuvumele ngoba baningi abantu abathembele ePosini, abale kubo abawu-6.9 million abahola khona izibonelelo zikahulumeni.
“Asisoze savuma ukuthi kuvalwe iPosi. Libaluleke kakhulu kubantu bakuleli ngoba lihambisa izincwadi kuleli nakwamanye amazwe, lisiza abantu ukuhola izibonelelo zabo, lithutha amaphasela, libalethela amaphilisi abanezifo ezingalapheki. Libaluleke kakhulu,” kusho uGungubele.
Ubalule ukuthi kukhona osomabhizinisi abancane abawu-700 abasebenzisana nePosi, abaqashe abasebenzi akade bezophelelwa wumsebenzi uma kuvalwa iposi.
Uthe iPosi linezikweletu eziningi ezibalelwa kuR5 billion kanti alisangenisi inzuzo etheni.
Lokhu kwenza ukuthi lingakwazi ukusebenza kahle kodwa uma ithola ithuba lokuhlengwa, lizoza nezinhlelo ezizolisiza ukuthi lisebenze kahle.
Kulo nyaka kuke kwavalwa amanye amagatsha ePosi njengoba belikweleta omastende imali.
Ngaphansi kohlelo olusha, kufanele iPosi lehlise isibalo sabasebenzi balo abawu-11 000 njengoba kuthiwa lokhu kungalisiza ukuthi longe uR2 billion.
Kuthiwa u-70% wemali yePosi isetshenziselwa ukuholela abasebenzi.
Kulo nyaka, uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, umemezele ukuthi uzotakula iPosi ngoR2.4 billion kodwa kuthiwa abasePosini bebengakayitholi le mali.