OWAYEYIMEYA yeTheku welule isandla wanikela ngokudla emindenini yaseMawoti, eNanda, edonsa kanzima njengoba kuvalwe konke ezweni.
UNkk Zandile Gumede unikele ngegilosa emindenini ehlukene waphinde wayihlomisa ngolwazi lokuzivikela kwiCoronvirus.
UNkk Gumede ufake izithombe enikela ngokudla ekhasini lakhe kwiFacebook.
Lezi zithombe bezihambisana nombhalo obuthi: “Thanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena, usho njalo umyalelo omkhulu. Siphumile ekhaya kwaGumede sinikezela ngezijumbane zokudla futhi silekelela labo abadinga usizo ngalesi sikhathi esinzima.”
Uthe abantu ekade ebanikelelela ngokudla omakhelwane bakude nabasondelene nekhaya lakwaGumede.
“Ngilandela umyalelo kamengameli, ngihleli endlini,” kusho uNkk Gumede.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uNkk Gumede ukuba aphawule ngalolu daba. Ucingo beluvaliwe nomyalezo athuyelelwe wona kushaye isikhathi sokushicilela udaba ungaphendulwanga.
UMengameli Cyril Ramaphoosa umemezele ukuvalwa kwezwe izinsuku ezingu-21 okuyoze kuphele ngo-Ephreli 16.
Ababenza imisebenzi ebucayi kuphela abavunyelwe ukuya emisebenzini ngesikhathi sokuvalwa kwezwe.