SEKUVELE izindaba zokuthi baningi abangase baboshwe ngokudutshulwa kwenyanga yaseThekwini, uMnuz Nhlanhla “Sbushebushe” Cele, futhi kukhona oyedwa esezimkhalele osegqigqa inkantolo ngaleli cala.
UCele usinde ngokulambisa edutshulwa ngabantu abangaziwa abamhlasela ngoJanuwari, ezovula endaweni yakhe yobumnandi, iYellow Lounge, kwa-A eMlaza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe owesilisa oneminyaka engu-31 ugqigqa eNkantolo yeMantshi yaseMlaza ngecala lokudubula uCele.
“Owesilisa oneminyaka engu-50 nomngani wakhe badutshulwa ngentululwane yezinhlamvu ngabantu abangaziwa ngoJanuwari. Kuvulwe amacala amabili okuzama ukubulala, kwaboshwa umsolwa oneminyaka engu-31. Osolwa ngecala useke wavela eNkantolo yeMantshi eMlaza. Icala lizobuyela ngo-Agasti 4 enkantolo,” kusho uConstable
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto ngomthombo walo, baningi abasazoboshwa ngaleli cala. Kuthiwa abanye basondelene noCele kodwa bebemhamba ngaphansi kwezinyawo behlela itulo lokumbulala.
Yize singakaziwa isizathu sokudutshulwa kukaCele kodwa sekuvele ukuthi kukhona ofakazi abazogeqa amagula ngecala ngoba bazi ukusuka nokuhlala nokuhlelwa kwalo.
UCele uthe uselala nobuthongo ngoba kukhona oseboshiwe ngecala. Uthe ubekhathazekile ngoba akasazi nesizathu sokudutshulwa kwakhe. Uveze ukuthi ukholwa wukuthi uzolazi iqiniso uma seliqulwa ngoba asikho isitha asaziyo, esimzonda ngendlela yokuthi sifuna nokumbulala.