UNGQONGQOSHE wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan uzwakalise ukuphoxeka ngosopolitiki abasebenzisa inkinga yokunqamuka kukagesi “ukuzisondeza” ebantwini.
UGordhan usho lokhu emva kokuthi umholi weBuild One South Africa (Bosa), uMnuz Mmusi Maimane, evulele uGordhan noNgqongqoshe kagesi uMnuz Kgosientsho Ramokgopa, icala lokubulala ngokungenhloso.
Icala ulivule emva kokushona kwentombazanyana eneminyaka emithathu yaseBromfhof, eGoli, ebisebenzisa umshini odinga ugesi uma iphefumula (oxygen driven nebulizer).
UMaimane uthe ukube ibingekho inkinga yokucishwa kukagesi ezweni futhi izibhedlela zingekho ohlwini lokunqanyulelwa ugesi ngabe isaphila intombazanyana.
UGordhan uthe uyayiziqonda izingqinamba ezihambisana nokucishwa kukagesi kodwa kuyaphoxa ukuthi osopolitiki abanjengoMaimane basebenzisa leli thuba ukuzisondeza kubantu.
“Isiphethe kabi inkinga kagesi futhi ikhona imizamo esiyenzayo ukuqinisekisa ukuthi izibhedlela azibi yingxenye yohlu lokunqamuka kukagesi. Sisebenzisana noMnyango wezeMpilo ukuqinisekisa ukuthi izibhedlela eziwu-213 azikho ohlwini lokunqamuka kukagesi. Eziwu-76 azisacinyelwa ugesi, eziwu-46 zingaphansi kohlelo lokususwa ohlwini lwezindawo ezinqanyulelwa ugesi,” kusho uGordhan esitatimendeni sabezindaba.
Uthe akukuhle ukuthi uMaimane asebenzise usizi lwabantu ukuzenza muhle kwezepolitiki.
UMaimane uthe akazenzi muhle kodwa ufuna bajeze abafake izwe enkingeni yokucishwa kukagesi. Uveze ukuthi maningi amacala avulwa ngabantu athinta inkinga yokucishwa kukagesi kodwa akwaziwa ukuthi aphelelaphi.
“Sizoqinisekisa ukuthi leli cala lifinyelela esiphethweni. Sizowulekelela umndeni ngakho konke okudingayo, okungaba ukuya enkantolo nangezinye izindlela,” kusho uMaimane.