UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, uthi ucele ukuthi uMnyango wezeMpilo umnike isibalo sodokotela okufanele baqashwe wuhulumeni. UGodongwana ukusho lokhu ngesikhathi evele phambi kwekomiti lePhalamende elibhekele izimali, wenaba ngesabelomali.
Indaba yodokotela abangasebenzi isegudwini futhi sebeke babhikisha bekhononda ngokuthi baduve emakhaya abaqashiwe.
Maphakathi nesonto uGodogwana wethule isabelomali sezwe obekungesokugcina kulo hulumeni ngoba kuzophela ihlandla lawo maduze. UGodongwana uthe isibalo sodokotela abangasebenzi asizwayo asiqondile kushiwo izibalo ezingafani.
“ Ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa bangu-800 odokotela abangaqashiwe, wena sihlalo uthi bangu-350. UMnyango wezeMpilo unesawo isibalo esehlukile kuzo zonke lezi. Ngokwesabelo esisinikwe wumnyango kubukeka sengathi uDkt Joe Phaahla wenelisekile ngokuthi bazokwazi ukubhekana nenkinga yodokotela,’’ kuchaza uGodongwana.
UDkt uPhaahla uke wamemezela ukuthi bazimisele ngokuqasha odokotela abangu-800 ngo-Ephreli. Ilungu lePhalamende le-EFF uMnuz Simon Moletsane, lithe izwe lidinga odokotela abangu-800.
USihlalo wekomiti uMnuz uSifiso Buthelezi, uthe uhulumeni usebenzisa imali eningi eqeqesha odokotela ajike angabaqashi wathi lokhu kuyinto athe ayizwakali kahle.