UNOBHALA Jikelele we-EFF, uMnuz Marshall Dlamini, ukholelwa ukuthi kuzobuya ngamandla ukucishwa kukagesi emva kokhetho.
UDlamini uthe ukucishwa kukagesi kumiswe ngoba nakhu sekusondele ukhetho lwangenyanga ezayo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ehola umbhikisho wokukhalaza ngezinkinga zikagesi namanzi obulubhekise emahhovisi oMasipala waseMsunduzi, obungoLwesihlanu.
Ngonyaka owedlule nasekuqaleni kwalonyaka, inkinga yokucishwa kukagesi iye ngokukhula, izwe belifakwa ngaphansi kwezigaba ezahlukene zokucishwa kukagesi.
Mumva nje le nkinga isathule, cishe sukuyophela inyanga ugesi ungacishwa.
UDlamini uthe ukungacishwa kukagesi izinsuku zilandelana akusho ukuthi le nkinga isiphelile.
“Into eyenziwayo manje ukuthi ugesi uphehlwa kusetshenziswa udizili. Udizili uthengwa phesheya. Udizili uyabiza, akuyona into ongayenza ingunaphakade. Siyazi ukuthi emva kokhetho bazophinde bawucishe ugesi. Le nto bayenzele ukhetho. Kufanele bengadlali ngathi, siyazi ukuthi ugesi usazocishwa.
“Le nto bayenza nangesikhathi kuneNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo. Basitshela ukuthi sebeyiqedile inkinga yokucishwa kukagesi. Lokhu babekusho ngoba nakhu besaba abelungu. Ugesi wabuye wacishwa emva kweNdebe yoMhlaba.”
UDlamini uthe le mali okuthengwa ngayo udizili wokuphehla ugesi izokhokhwa abantu bakuleli.
“La mabillion amaRandi abathenga ngawo udizili azokhokhwa ithina uma sebenyusa amanani okudla, kuzokhuphuka nezokuthutha.”
UDlamini uthe uMasipala waseMsunduzi uyehluleka ukuhlinzeka abantu ngogesi.
Uthe sekuze kwavalwa nezinkampani ngenxa yokwehluleka komkhandlu ukuhlinzeka abantu ngogesi.
“Abantu sebeze balahlekelwa imisebeni ngenxa yokwehluleka kwalo masipala.”
UDlamini uthe bazobakhipha bonke abantu abahluleka ukwenza umsebenzi mhla bathatha lo mkhandlu.
“Emva kokhetho siyabuya sizobheka ukuthi ngabe bonke abasebenzi bakulo masipala banazo yini iziqu ezifanele? Sifuna ukuthi bonke abasebenzi basikhombise ukuthi baqashwa ngendlela efanele. Bazokuba senkingeni labo abaqashwa ngendlela engekho emthethweni.
“Ukuqashwa kwabantu abangawufanele umsebenzi ikhona okwenza ukuthi kube nzima ukuhambisa izidingo kubantu ngoba abantu abaqashiwe basuke bengawazi umsebenzi abawuqashelwe.”
UDlamini uthe abakungabazi ukuthi bazonqoba iKwaZulu-Natal okhethweni oluzayo.
“Laba abangabaphathiswa bazophelelwa umsebenzi ngoMeyi 29. Kuzophela ukupepenyeka ngezimoto zikahulumeni. Bazobuya bezofuna izindlu zomxhaso ngoba siyazi ukuthi imali bayiphuza utshwala, abanalutho. Asiqhubekeni nomkhankaso wethu, kuyathembisa ukuthi sizonqoba.”