KULALWE ngeSonto kuzalele ihlokohloko ezinkundleni zezindaba kulandela ukukhonjwa indlela kowayengumengameli we-ANC nezwe, uMnuz Jacob Zuma.
UZuma uphelelwe ubulungu bakhe be-ANC emva kokuthi ikomiti elibhekele ukuqondisa ubugwegwe linqume ukuba asulwe njengelungu lale nhlangano.
Kulesi sinqumo obekunqakiswana ngaso ezinkundleni zokuxhumana izolo ebusuku, uZuma unikwe izinsuku ezingu-21 ukuthi afake isimangalo sokuphikisana naso.
Kulesi sinqumo kuvele ukuthi uxoshwe ngenxa yokusebenzisana neqembu Umkhonto weSizwe Party awumholi walo.
UZuma umemezele ngoDisemba nyakenye, ukuthi ujoyina leli qembu. Ubelokhu emile ukuthi nakuba eyilungu laleli qembu kodwa usayilungu le-ANC. Ugcine esememezela ukuthi usengumholi we-MK.
I-MK ibhincisele nxanye amaqembu amaningi okhethweni okubalwa i-ANC eyehlise ukwesekwa kwayo. KwaZulu-Natal yathola izihlalo eziningi.
EPhalamende likazwelonke iyiqembu eliphikisayo, kwadingeka ukuthi i-ANC isebenzisane namanye amaqembu okubalwa i-DA, IFP, UDM namanye ukubumba uhulumeni.
I-ANC yahlehlisa uhlelo lokuqondisa ubugwegwe kukaZuma kuze kudlule ukhetho. Le nhlangano yathi ifuna ukulandela yonke imigudu efanele odabeni oluthinta uZuma.
UNobhala we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ubelibeka ngembaba ukuthi uZuma uzixoshe yena ngokuphumela obala akhankasele elinye iqembu.
Kushaye isikhathi sokushicilela i-ANC ne-MK bengakaphawuli ngokuxoshwa kukaZuma.