BASALE bekhungathekile abebehambele indawo yobumnandi e-Artizen Restaurant & Lounge, KwaMashu emva kokuthi kudutshulwe kwabulawa okuthiwa ubehlupha.
Umnikazi we-Artizen uMnuz Siphiwe Mcanyana, uthe umufi ufike ehamba nabangani bakhe ngeSonto emini ewumuntu obukeka sengathi wayesethinte amanzi amponjwana.
Uthe emva kwesikhashana usukume waya etafuleni ebelihlezi izicukuthwane nokuyilapho afike wasusa khona uchuku.
“Uye kwelinye itafula ebelihlezi izikhulu ebelidekwe utshwala obubizayo, wafika njengomuntu ozoncoma.
“Wancoma izingubo ababezigqokile wathi zibukeka zibiza wabe esebuza ukuthi bazithengephi futhi nemali bayithathaphi, babe sebeyamxosha bamphindisela kubangani bakhe ngoba wayeseqala uchuku.
“Kuthe uma bemtshela ukuthi akaxolise wathukuthela wabuza ukuthi kungani kumele axolise?” kuchaza uMcanyana.
Uthe umufi ube eseduba wangena emotweni kamngani wakhe, kwadlula isikhashana wabuya esephethe isibhamu edubula esidlangaleni.
“Ubedubula engabheki nokuthi udubulaphi kanti laba abebasukelile bebehamba nonogada babo abebesele emotweni, nokuthe uma ebona unogada oyedwa ezama ukusondela ngakuye wamdubula onyaweni.
“Unogada ube esedubula umufi wamqumba phansi ngenhloso yokuzivikela sabona ngaye esedindilize phansi,” kuchaza uMcanyana.
Uthe unogada uphuthunyiswe esibhedlela kanti amaphoyisa afike adalula ukuthi umufi ubengumuntu ofunelwa amacala ahlukene, kwatholakala nokuthi ubedubula ngesibhamu esingekho emthethweni.
“Sibathuse kakhulu abantu lesi sigameko ngoba ngenkathi kwenzeka konke lokhu abanye bebelele phansi, abanye bahuzuka bezama ukubaleka ngoba bebona bengaphephile,” kuchaza uMcanyana.
Uthe uyasaba ukuthi lesi sigameko sizolimaza ibhizinisi ngoba abantu basathukile futhi bayasaba ukubuya kule ndawo.
Uqhube wathi bekuqala ukuthi kwenzeke isigameko esifana nalesi kule ndawo kanti nendlela esichazwe ngayo ezinkundleni zokuxhumana akusiyo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa KwaMashu.
“Kusolwa ukuthi ngo-Okthoba 2, 2022 ngo-7.30 ebusuku indoda eneminyaka engu-44 ibisendaweni yokucima ukoma emgwaqweni uBhejane KwaMashu, yasusa uchuku.
“Kubikwa ukuthi ixabane nomunye obehambele kule ndawo, onogada babe sebeyikhiphela ngaphandle. Kuthiwa ibuye ngemuva kwemizuzu engu-30 yavulela ngenhlamvu esidlangaleni, kwadubuleka oyedwa emlenzeni, umsolwa udutshulwe ngomunye wabebekhona,” kuchaza uLt Col Gwala.
Uthe kutholakale isibhamu esicishwe izinombolo eduze komsolwa kanti lolu daba lusaphenywa.
Khonamanjalo amaphoyisa aphenya icala lokubulala nokuzama ukubulala emuva kwesigameko esenzeke ngoLwesihlanu endaweni yokucima ukoma eMsunduze, eNdwedwe. Kuvela ukuthi abasolwa bafike badubula bebhekise ebantwini abebesegcekeni, abantu babaleka bahlakazeka ukuze baphephe. Ababili abaneminyaka engu-28 no-29 bashonela endaweni yesigameko kwathi abathathu balimala kanzima baphuthunyiswa esibhedlela ukuze bathole usizo.