UVELE wadumala unina webhungu elabulawa ngesihluku, lisolwa ngokuntshontsha utshwala, ethola esefikile enkantolo ukuthi kwahlehliselwa olunye usuku ukukhishwa kwesinqumo secala.
Unina kamufi, umndeni wakhe namakholwa bebemagange ngesikhathi befika eNkantolo yeMantshi yaseVerulam izolo kodwa baphuma sebephatheke kabi.
Bekulindeleke ukuthi iMantshi Sanele Hlatshwayo yehlulele ecaleni lokubulawa kowayengumfundi ka-matric, u-Andile ‘Bobo’ Mbuthu (16), okwenzeka ngo-Ephreli 2020.
Abamangalelwa abahlanu bebengabonwa nangokhalo enkantolo nokuthe uma intatheli ifonela ummeli wabo, imbuza ukuthi kungani kucwebile enkantolo, wathi kwahlehliselwa uJulayi ukukhishwa kwesinqumo.
Umshushisi wecala ubengekho enkantolo kodwa uzakwabo oficiwe uqoqele ndawonye abebeze kuleli cala waxolisa ngokuthi abaziswanga ukuthi imantshi yathi izobe ingekho enkantolo osukwini lwayizolo.
Lo mshushisi uthe phambilini kwahlanganwa kwathathwa isinqumo sokuthi imantshi yehlulele ngoJulayi 18.
Ngaphandle kwenkantolo umalume kaBobo, uMnuz Bongani Mthembu, uthe baphatheke kabuhlungu bewumndeni.
UMthembu uthe yibona obekumele baziswe kuqala ukuthi icala lihlehlile kodwa bathola sebefika enkantolo okuyinto athe iwubudedengu.
“Bakhombise ukuseya ekubeni salinyalelwa. Kuvusa isilonda ukuza kwethu enkantolo. Kumanje sihamba nonina womntwana (Bobo), uphatheke kabi ukuthi ngosuku okumele ngabe ujabula ngalo, uthola ingcindezelo,” kusho uMthembu ethi bathatheke kancane.
Abomndeni kaBobo namalungu ebandla babuthelane ndawonye ngaphambi kwesango lenkantolo kubonakala ukuthi abayikholwa into ebehlele.
Umholi webandla labo, uMnuz Cebolenkosi Mngomezulu, uhambe emazwini kaMthembu wathi badumele ngakuchaze ngobudedengu benkantolo.
“Sekuphele iminyaka emine siyihamba le ndlela. Asijabule neze indlela okwenzeke ngayo izinto. Siyathemba akusekho okunye ukuhlehla okuzoba khona futhi buzokwenzeka ubulungiswa,” kusho uCebekhulu.
UBobo washaywa washona ngamadoda ayisikhombisa endaweni yobumnandi okwakungekamzala wakhe, iMagagula Lounge, eHambanathi, oThongathi. Umzala kaBobo, uMlungisi Thabethe, owayengummangalelwa wokuqala kuleli cala, wadutshulwa washona ngo-2021 esigamekweni amaphoyisa athi asihlobene naleli cala.
Omunye wabamangalelwa, owayengumngani kaBobo futhi ehamba phambili kwababemshaya, waphenduka ufakazi woMbuso.
Isidumbu sikaBobo sashiswa kwathi izinsalela zaso zaqotshwa zafakwa ezikhwameni nezitini zaphonswa edamini. Amaphoyisa asithola, okuyinto eyagovuza umphakathi wangqongqisa iMagagula.