KUZOBE kusindwe ngobethole kwindumezulu yomcimbi, iSigqi Samaciko, eNadi koMkhulu, endaweni yaseNadi, eMgungundlovu ngeSonto kusukela ngo-10 ekuseni.
Usomabhizinisi oyintandokazi yabantu abasha kuleli, uMnuz Duduzane Zuma, ungomunye wosaziwayo abazocija intsha ngezinkulumo ezakhayo kulo mcimbi osuwenziwa okwesibili.
INkosi yesizwe saseNadi, uMnuz Vusizwe Zondi, ikuqinisekisile ukuthi indodana yowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, izobe iyingxenye yezicukuthwane kulo mcimbi wokufukula amaciko.
"Inhloso yomcimbi wukuqoqa intsha ngesikhathi samaholidi ingabi wuvanzi, izithole isidla izidakamizwa, igcine isizimoshela ikusasa layo."
Inkosi ithe enye inhlosongqangi wukuqhakambisa amaciko akhona ngaphansi kwesizwe saseNadi ukuze azibone engalahliwe ngabaholi bawo.
"Into engalindelwa kakhulu ngabantu amaqembu engoma ngokuhlukahlukana kwawo nawesicathamiya."
Inkosi ithe uZuma uzobe engahambi yedwa kodwa kuzobe kukhona nomethuli wezinkulumo ezakhayo nongumbhali wencwadi esihloko sithi I Was Raped And You Were Born, uScelo Ncube. Kuzobe kukhona nabaculi begqom' abadume ngengoma ethi Khula nethi Imali Iyagezana, uBello noGallo kanye nomlingisi odume kwiMbewu ngelikaThusheleni, Siluthando Gospel Group, Mzamo Young Boys, Uzalo Traditional Group, Izimbali ZaseNadi neThemba Lamanoma. Izethameli zizozitika ngalobu bumnandi bhusende.