UDUDUZANE Zuma uthe akahlangene neqembu elisanda kwethulwa nguyise uJacob Zuma, uMkhotho weSizwe (MK) futhi yena uzomemezela elakhe iqembu ngenyanga ezayo. UZuma owayengumengameli we-ANC nezwe, wethule uMkhonto weSizwe wathi yiwona azoweseka okhethweni.
UMkhonto weSizwe umemezele ukuthi bangaphezu kuka-1.2 million abantu abajoyine iqembu lawo futhi usalindele ezinye izindimbane.
I-ANC kuzwelonke ibingakaphenduli into ecacile kulolu daba kodwa uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa uke wacashunwa ethi bayalwazi udaba. Uthe wonke umuntu unelungelo lokuveza ukuthi uzovotela liphi iqembu abeke nezizathu.
Udaba lokhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo, yilona oluyindaba egudwini kubantu abaningi. Abaningi balubona njengokhetho oluzokwehluka kakhulu selokhu kwaqala ukubusa ngentando yabantu. UZuma umangaze abaningi ethula iqembu azoleseka ekhala ngokuthi akeneme ngendlela i-ANC eqhuba ngayo.
Abaningi ezinkundleni zokuxhumana bebebuza ukuthi uDuduzane uyiliphi kulesi siphithiphithi. Uke wavela naye ezinkundleni zokuxhumana esho ukuthi sekuyisikhathi soshintsho.
UDuduzane phambilini uke wamemezela ukuthi uzongenela ukhetho abange isikhundla sokuba wumengameli wakuleli. Kuthunyelwe imibuzo ethimbeni likaDuduzane ebuzwa ngodaba lweMK. Kubuye impendulo yokuthi cha akahlangene nakancane nayo.
“Cha empeleni umatasa nokwethula iqembu lakhe kodwa asikwazi ukukhuluma okuningi manje. Kuzocaca kahle konke ngenyanga ezayo kodwa ngingasho ngingananazi ukuthi akayona ingxenye yoMkhonto weSizwe,’’ kusho impendulo.
UDuduzane usho kanjena nje, uke wakhethwa waba wusihlalo wegatsha le-ANC eNewlands, eThekwini nalapho okwaba nelikhulu isasasa khona.