UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ukhwele wadilika komasipala bakulesi sifundazwe abanqabayo ukwamukela abalawuli abathunyelwa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
UNkk Dube-Ncube uthe labo masipala bazothathelwa izinyathelo ezinqala.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nezimeya zakomasipala baKwaZulu-Natal obubizelwe ukuzobhunga ngemibiko yemali yomasipala.
UNkk Dube-Ncube uthe kuyabakhathaza ukwanda komkhuba wokuthi omasipala banqabe ukwamukela abalawuli uma befakwa ngaphansi kweso lomlawuli.
Kulabo masipala ubalule umasipala waseNkosi Mtubatuba kanye nowaseNkosi Langalibalele.
UNkk Dube-Ncube uthe kunabantu abacabanga ukuthi le mikhandlu ingeyabo.
“ENkosi Mtubatuba umnyango wazama ukwethula owayejutshwe njengeso lomlawuli, kodwa kwaba khona abavala iminyango, izikhulu zomnyango zangakwazi ukungena emahhovisi omkhandlu. Kwaze kwaphoqa ukuthi umnyango uye enkantolo. Kuyichilo ukuthi umnyango kufanele uze uye enkantolo.
“Abantu kufanele engabe bayazi ukuthi le mikhandlu akusiyona eyabo. Abantu kufanele engabe bayazi ukuthi iminyango kahulumeni akusiyo eyabo. Le mikhandlu akusiyo eyethu. Ukubona abantu bevala iminyango emahhovisi emikhandlu kwenza sizibuze ukuthi abantu bayazi yini ukuthi le mikhandlu akusiyo eyabo.”
UNkk Dube-Ncube uthe zizothathelwa izinyathelo izikhulu zomasipala abathintekayo.
“Mhlawumbe inkinga ukuthi siyabancenga. Ngike ngabona omunye umasipala ubhale ukuthi uhulumeni wesifundazwe kufanele ubike uma uza endaweni yawo. Iqiniso ukuthi awukho umthetho osho njalo. INkosi kuphela engasho lokho.”
UNkk Dube-Ncube uthe kuyabakhathaza ukuthi iningi lomasipala abangaphansi kweso lomlawuli bayaqhubeka nokushaya udaka.
Wenze isibonelo ngomasipala wesifunda uMzinyathi osuhlale ngaphansi kweso lomlawuli iminyaka ebalelwa kweyisikhombisa.
“Lo masipala wafakwa ngaphansi kweso lomlawuli ngo-2016 kodwa kuze kube namhlanje sisakhuluma ngezinkinga ezikhungethe umasipala. Ngiyaye ngibuze kungqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ukuthi kufanele kuze kwenzekeni ukuze sihlakaze umasipala waseMzinyathi. Sesikuzame konke ukwelekelela lo masipala kodwa umehluko awubonakali.”
UNkk Dube-Ncube uthe kufanele zithathelwe izinyathelo izikhulu zale mikhandlu eqhubekayo nokushaya udaka.
“Akufanele abantu baze bancengwe ukuthi benze umsebenzi abawuholelayo. Senza into esiyiholelayo la. Siholelwa ngemali yabakhokhi bentela. Asiholeli ukuthi sihlale.”
UNkk Dube-Ncube uphinde wasonga ngokuzithathela izinyathelo izimeya ezingazange zize emhlanganweni wayizolo.