LIKHALE ngomhobholo nangokwanda kwezigameko zobulelesi iJaji izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini. Ligwebe abesilisa ababili ngodilikajele ngemva kokulahlwa yicala lokubulala unogada befuna ngodli utshwala esitolo.
Abagwetshiwe nguSinethemba Mtshali (27), nomngani wakhe omkhulu uSiyamthanda Melvin Gumede (29).
Bobabili kuthiwa bagasela esitolo sotshwala i-Ultra Liquors, eMayville, behlome beyizingovolo befuna utshwala esigamekweni okuthiwa senzeka ngo-Okthoba 12, 2021.
Kuvela ukuthi kwathi uma befica unogada uMnuz Phiwayinkosi Dladla esagweni, abangabuza lutho bamdubula ngoyaba lwezinhlamvu ngisho esecela uxolo.
Kuvela ukuthi nomnikazi wesitolo uTristan Munsamy, walimala kabi ngalolu suku. IJaji uSingh likhale kakhulu ngesihluku esakhonjiswa yilaba bebulala unogada engenacala.
"Enakwenza kwaveza ukuthi ningabantu abanomhobholo kangakanani. Futhi naveza ukuthi aninandaba nempilo yomunye umuntu. Akukholakali ukuthi ngenxa nje yotshwala, kwakungaze kuphume isidumbu. Nakhombisa unya nokuba nomhobholo oxakayo,'' lisho kanjena likhuluma libabheka.
Liqhuba ijaji lithe kune-vidiyo eyabonakala enkantolo eveza konke okwenzeka ngosuku lwesigameko.
Lithe ummangalelwa wesibili uyabonakala exoxa namaphoyisa ngemuva nje kancane kwesigameko ezenza umuntu othukile naye ekubeni kanti uyena oyisigilamkhuba esikhulu.
Ligcizelele ukuthi kuyacasula manje ukuthi eNingizimu Afrika ukubulawa komuntu sekuyinto nje elula efana nokugxotshwa kwentuthwane.
"Iqiniso ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bakhathele manje. Inkinga abasazi nabo bazokwenza njani uma bephila ezweni elinje lapho ukubulala umuntu kulula nje,'' lisho kanjena iJaji.
Lithe kuyamangaza ukuthi kuleli zwe kulula ukubopha itulo lokubulala umuntu ngoba izinswelaboya zimane zihlele zize ziliphothule.
''Kungumsebenzi wezinkantolo ukuqinisekisa ukuthi zenza okuthile ngenhloso yokukhulula iNingizimu Afrika kwizelelesi ezifana nani,'' usho kanjena.
Ababulali bobabili bagixatshezwe udilikajele ngecala lokubulala uDladla. Kwaba yiminyaka engu-15 ngelokuhlasela indawo edayisa utshwala. Kwaba yiminyaka engu-10 ngecala lokuzama ukubulala umnikazi wesitolo.
Kwathi ummangalelwa wokuqala wabhanselwa ngeminyaka engu-10 ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe-9mm, nemithathu ngelokutholakala nezinhlamvu. Zonke lezi zigwebo ijaji lithe bazozidonsa kanyekanye.
Lithe emacaleni alolu hlobo kumele inkantolo yenza isiqiniseko sokuthi idlulisa umyalezo oshubile nakwezinye izelelesi.
"Kumqoka ukuthi izinkantolo zikhiphe izigwebo ezinesisindo ukuze kubonakale ukuthi baphelelaphi abenza okubi emphakathini,'' lisho kanjena.
Liqhuba ijaji lithe inkantolo iye ibheke izinto ezehlukene ngaphambi kokuba igwebe abonile, yisisindo secala, umthelela elinawo emphakathini kanye nasemndenini.
Lisebenzise nobufakazi obethulwa owomndeni ebalisa ngokuthi bagqemeka udume lwengozi ngokubulawa kukaDladla. Likhala ngesibazi elathi sekuyoba ngesaphakade.
Bobabili ababulali bebebonakala bengathukile ngesikhathi ijaji limatasa lisafunda elikulobe phansi mayelana necala labo.
Kuthe sebehla beya ezansi icala selibalahlile ummangalelwa wokuqala wabonakala ekhomba umphenyi wecala.
Ngaphakathi enkantolo bekukhona amalungu omndeni akubo kwababulali abonakale echiphiza izinyembezi ngemuva kokuba inkantolo seyikhiphe izigwebo.