INKANTOLO yesiFunda eThekwini igwebe abalisa ababili ababulala usomatekisi e-Effingham, eThekwini.
UMfanafuthi Madlala (41) noSifiso Sokhulu (45) bazogugela ejele njengoba inkantolo ibathole benecala lokubulala usomatekisi uMnuz Siyabonga Ngcobo ngo-Julayi 10, 2022.
UNgcobo (37) wabulawa ngesikhathi eshayela itekisi khona e-Effingham, eduze naseGreenwood Park. Watholwa amaphoyisa enamanxeba okudutshulwa kuyo itekisi ayehamba ngayo, wahlonzwa njengoshonele endaweni yesigameko.
Ngokwesitatimende esikhishwe okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, umsolwa wokuqala waboshwa ngosuku lwesigameko. Watholakala nesibhamu ngesikhathi amaphoyisa esifunda sophiko lwe-Provincial Taxi Violence, oluqapha udlame lwamatekisi enza uphenyo olunzulu. Ngemuva kosuku, umsolwa wesibili naye zamkhalela.
Uqhube wathi abaphenyi bathola ubufakazi obuqanda ikhanda obumatanisa abasolwa necala lokubulala. Uthe abaphenyi babe sebephoqa inkantolo ukuthi ibanqabele ibheyili kuze kube bayagwetshwa. Bobabili abasolwa batholwe njengabangakulungele ukuphatha izibhamu.