UGIXABEZWE ngodilikajele owesilisa waseMadadeni emva kokulahlwa yicala lokudlwengula owesifazane osemncane ngoEphreli nyakenye.
Kuthiwa owesilisa oneminyaka engu-33 wazenza umuntu osebenza ngamakhambi esintu ngesikhathi eyengela oPhathe umgilwa owayeneminyaka engu-17 ngesikhathi sesigameko.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe owesilisa wamdlwengula ephindelela umgilwa ngosuku lwesigameko. Uthe ngaphambi kwesehlakalo, wazenza umngani kanina kamgilwa, ezenza umelaphi wendabuko.
“Esevakashe kaningi kubo kamgilwa, wagcina ethola ukuthi umgilwa uhlushwa wukugula obekuze kuholele ekutheni alaliswe esibhedlela. Wabe esetshela unina kamgilwa ukuthi yena angamsiza (umgilwa) ngemithi yakhe yesintu, asinde, singabe sisaba bikho isidingo sokwehla enyuka naye esibhedlela,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Uthe unina kamgilwa walwamukela usizo lowesilisa. Uthe ngosuku lwesehlo, owesilisa wafika kubo kamgilwa, ezomlanda, watshela unina ukuthi ufuna ukumyisa emfuleni ayogezwa, bese amthandazela nabanye abazalwane bebandla.
“Umgilwa wabe esehamba naye-ke kodwa esikhundleni sokuthi baye emfuleni, wamthatha wamyisa emzini wakhe. Kuthiwa wamkhohlisa ngelithi bayolinda amanye amalungu ebandla ukuba afike,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Uthe kwathi ngokuhamba kwesikhathi, wamkhumula ngenkani umgilwa, wamdlwengula, waze wamdedela entathakusa ngakusasa.
“Umgilwa wafike walubika masinyane udaba kudadewabo nakunina, base belubika emaphoyiseni,” kusho uNkk RamkissonKara.
Uthe umgilwa waphuthunyiswa esikhungweni sabahlukunyeziwe esiseMadadeni, lapho anikwa khona usizo lwezempilo nolokwelulekwa ngokomqondo.
“Owesilisa waboshwa ngokushesha,” kusho yena.
Uthe eNkantolo yeMantshi yaseMadadeni, umshushisi uMnuz Scelo Simphiwe Hlela ubehola ubufakazi bukamgilwa, udadewabo, unina kanjalo nodokotela.
Uthe uHlela waphinde waletha isitatimende lapho umgilwa ayechaza khona ukuthi samhlukumeza kangakanani isigameko.
“Esitatimendeni sakhe ushilo ukuthi isigameko samshiya elimele kakhulu emqondweni futhi enezibazi zokuphoxeka ezingasoze zaphela ngoba ngesikhathi edlwengulwa wayeyintombi nto ngakho lokho kwakuyinto ayezigqaja ngayo njengowesifazane osemncane,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Uthe ingaleso sizathu inkantolo igcine imgixabeza ngodilikajele. UNkk Ramkisson-Kara uthe iNPA iyasamukela isigwebo kwazise sakha isithombe esicacile ngokuthi imiphi mayelana nombhidlango wokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Uthe bakushayela ihlombe ukusebenza ngokuzikhandla kwethimba lezokushushisa namaphoyisa.