UKHUNGATHEKILE umndeni womfundi, osekuyophela isonto lesibili engabonwa nangokhalo selokhu anyamalala ngosuku olwandulela ukuqala kokubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka.
UMnqobi Sibiya (18) ofunda u-Grade 11 esikoleni iVutshini High, eNkandla, kuthiwa sekuphele izinsuku anyamalala kanti umndeni wakhe usumbheke kuzona zonke izihlobo ezisondelene nawo.
Ubabekazi kaMnqobi uNksz Zethu Mngoma, uthe ubehlala emqashweni ohlala abafundi eVutshini, esondezela isikole njengoba kubo kuseThulani okuthiwa kuyibanga elingaba yimizuzu engu-30 uma uhamba ngemoto.
Echaza ngokunyamalala komfundi, uthe ngoMsombuluko wesonto eledlule, kuthiwa wayehleli nabangani bakhe waphuma ngelokuthi kukhona lapho eyakhona.
“Bathi kwakuyoshaya u-8 ebusuku, waphuma ewumuntu othi kukhona lapho ephuthuma khona wangachaza ukuthi uyaphi, kwaba ukumgcina kwabo. Okusididayo ukuthi unyamalala nje, ngakusasa wayezobhala iphepha lezivivinyo zokuphela konyaka ngakho kwakungeke kwenzeke ukuthi anyamalale nje ngalesi sikhathi,” usho kanje.
Uthe sebemfune kuzona zonke izihlobo kodwa abawutholi umkhondo. Uthe ngendlela asebekhathazeke ngayo, bayasola ukuthi kukhona okumvelele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe ukunyamalala kwalo mfundi kubikwe esiteshini samaphoyisa eKombe.