UMNDENI kaNksz Nothando Madubane (24) waseNanda, isidumbu sakhe esitholakale silahlwe epaki eliseKenville eThekwini, uthi usakhungathekile ngokubulawa kwendodakazi yawo.
Umndeni uthi uye emakhazeni asePhoenix ngempelasonto emva kokuthola umyalezo enambeni abangayazi, ubazisa ngesidumbu esitholakale emva kokuthi besabalalise isithombe sendodakazi yabo ebidukile.
UNksz Madubane (24) unyamalale ngoLwesibili olwedlule, ehambe ekhaya eya endaweni yokuzicwala eBerea eThekwini.
Okhulumela umndeni, uMnuz Malusi Nzimande, uninalume kamufi, uthe kuthiwa uNksz Madubane ugibele imoto ekhokhelwayo ngokwebanga elihambile esuka endaweni yokweluka izinwele, ubezohlangana nonina ngakusasa ezitolo okwenza ukuthi basole ukuthi kukhona okushaya amanzi uma bengamtholi ocingweni.
Uthe bavule icala lokunyamalala komuntu ngakusasa emaphoyiseni, bafaka imkhangiso ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe ngesikhathi bethola umyalezo ongaziwa ukuthi usuka kubani, othi kunowesifazane onamanxeba okugwazwa otholakale eseshonile, kube buhlungu kubo bewumndeni, kababange besazihlupha nokuthi bathole eminye imininingwane nokuthi uvela kubani.
Banikele emakhazeni ukuyobheka, lapho bethole ukuthi ngempela yindodakazi yabo.
“Kusixakile indlela ashone ngayo ngoba ubengumuntu olungile futhi ezibhekele umsebenzi wakhe. Namanje sisadidekile ukuthi yini engenza abulawe kanje ngoba asimazi enezitha,” kusho uNzimande.
UNzimande uthe unina nogogo wakhe bathinteke kakhulu ngalesi sigameko ngoba bebehlala naye uNksz Madubane. Uthe ubejabulile ehlela ukuya eTurkey kuleli sonto, eyothenga izimpahla abezidayisa ebhizinisini lakhe ebelenza kahle.
Ushiya ingane eneminyaka engu-4 yentombazane..
Ekhuluma ngezinsolo zabantu ezinkundleni zokuxhumana, abasola obeyisoka likamufi ngesigameko uNzimande uthe bona bewumndeni abakabi nezinsolo ngoba basadidekile futhi babeke ithemba labo emaphoyiseni ukuthi aphenye.
“Kusanda kwenzeka. Asiyekeni uphenyo lwamaphoyisa ukuthi lusitshele ukuthi kwenzekeni,” kusho uNzimande.
Uthe basematasa namalungiselo okufihla indodakazi yabo, umndeni ufinyelele esinqumweni sokumfihla ekhaya eMzinyathi ngoMgqibelo
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseGreenwood Park athole isidumbu sowesifazane eKenville Road ngo-Agasti 30.
“Lesi dumbu sitholakale sinamanxeba okugwazwa negazi emuva kwekhanda. Akekho osaboshiwe ngaleli cala futhi icala lokubulala liyaphenywa,” kusho uNetshiunda.