UCHONYWE uphaphe eKenya owesifazane waseNingizimu Afrika owaqala ukutshala emapulastikini ngoba engenayo indawo yokutshala.
UNkk Nonhlanhla Joye weMgibe Farming Organics and Training Institute waqala ukutshala emapulastikini ehlala eChesterville, manje osezinze eMpolweni, eNew Hanover, lapho enepulazi khona. Muva nje, uchonywe uphaphe yi-Set Startup ese-Kenya emunxeni, i-Africa Startup Ecosystem Builder of the year 2023.
UNkk Joye waqala ukutshala kopulastiki ngo-2014 ngesikhathi egula enomdlavuza webele okwaphoqa ukuthi athathe ikhefu emsebenzini eselashwa.
"Kwakuyimina owondla umndeni, ukuhlala kwami ekhaya kwakusho ukuthi ngeke ngisakwazi ukondla umndeni. Ngesikhathi ngelashwa ngaqala ukutshala imifino egcekeni kodwa yadliwa yizinkukhu. Kulapho ngaqhamuka khona nesu lokutshala emgibeni ngokulengisa amapulastiki ezingodweni. Lelo gama ngalisusela ekutheni nasemakhaya izingubo zethu besisigaxa emgibeni ngoba uma sibalekela ukuthi zingonakaliswa yizinambuzane," ehleka.
Ngokuhamba kwesikhathi wagcina eseyidayisa imifino ayeyitshala. Ngesikhathi edayisa eyakhe imifino wagcina esenamakhasimende amaningi, kwacaca ukuthi eyedwa ngeke akwazi ukuwenelisa. Ube eseqala uhlelo lokuthi agqugquzele abantu abanye abaneziqeshana zomhlaba ukuthi batshale emgibeni ukuze badayise ngokuhlanganyela.
Uphinde waqala uhlelo lwabafundi abaphuma emindenini entulayo, iStop Hidden Hunger, ukuze asize izingane ezihamba ziye ezikoleni zingadlile. Lolu hlelo ulwenza ngezindlela ezintathu; ukuphakela abafundi ukudla, ukubafundisa ukutshala abanike izithombo ukuze batshale amakhaya nokuthi batshale ezikoleni zabo ukuze bezokha imifino uma kunesidingo. Kulolu hlelo usiza abafundi basezikoleni ezingu-25.
UNkk Joye uthe ibhizinisi lokutshala elingasoze laphela kodwa lidinga ukuthi abantu babambisane futhi bacobelelane ngolwazi.
Inkampani yakhe njengamanje ibuye ishintshe imikhiqizo yezolimo iyenze eminye imikhiqizo ukuze ihlale isikhathi eside ingaboli. Eminye imikhiqizo eyenziwa ile nkampani ukushintsha utamatisi ube utomato-sosi, upelepele ube usosi, u-beetroot ogcinwa emabhodleleni omunye wenziwe iwayini.
UNkk Joye uthe ubengazi lutho ngeSet Startup eseKenya, umncintiswano obungenelwa ngokuthi umuntu okholwa ukuthi wenza umehluko emphakathini, akuqoke.
"Bebebaningi abantu abebeqokile bakuleli kodwa bekunohlelo lokuhlunga lapho bekumele uthathe izithombe, ama-video omsebenzi wakho uphinde ukhombise imibiko yokusebenza kwakho okwenze amajani aneliseka ngase ngichonywa uphaphe. Ukuchonywa uphaphe kanje kungenza ukuthi ngifake umfutho kwengikwenzayo," kusho yena.
Ngo-2017, udle umhlanganiso emcintiswaneni wabalimi ohlelwa i-Elle Magazine, i-Elle Magazine IMPACT 2 Award, azilandela yena mathupha eParis.