IPHINI likaNobhala Jikelele we-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane, lichithe amahlebezi okuthi ubuholi benhlangano KwaZulu-Natal bulengelwa izembe.
UNkk Mokonyane uthe azikho izingxoxo zokuthi kuhlakazwe ubuholi be-ANC eKZN.
Ukusho lokhu ngesikhathi ehambele umhlangano wesigungu esiphezulu esifundazweni ngempelasonto.
I-ANC ayizange yenze kahle KwaZulu-Natal okhethweni lwangoMeyi njengoba yaphunyukwa isifundazwe, manje isiyiqembu lesithathu ngobukhulu.
UNkk Mokonyane uthe ukungenzi kahle kwe-ANC KwaZulu-Natal akusho ukuthi kufanele kuhlakazwe ubuholi.
“Kungaba iphutha ukuthi emva kokhetho bese sigijimela ukuhlakaza ubuholi. Kufanele ubuke ukuthi unani, ubheke izindlela zokwenza ngcono lokho onakho. Kufanele uqhamuke namasu okubuyisa lokho okukulahlekele.
“Kufanele uqhamuke namasu okugqugquzela uphinde uthuthukise labo abakhona ukuze bezokwenza ngcono ngokuzayo. Indaba yokuthi ubuholi buzohlakazwa amahemuhemu nje futhi ngingakutshela ukuthi ngaphakathi kwi-ANC azikho izingxoxo ezinjalo.”
Uhambo lukaNkk Mokonyane laKwaZulu-Natal luqale ngoMgqibelo, lapho ehlangane khona nobuholi besifunda iTheku.
Nabo ubuholi besifunda bubhekene nezembe njengoba ikomiti elibhekelele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANC KwaZulu-Natal lenza isiphakamiso sokuthi buhlakazwe.
Isigungu esiphezulu kwi-ANC KwaZulu-Natal isona esizothatha isinqumo sokugcina ngalolu daba.
Echaza ngenjongo yohambo lwakhe, uNkk Mokonyane, uthe bahamba behlaziya imiphumela yokhetho.
“Sihamba sibheka ukuthi izinhlakaza zeqembu zalukhankasela kanjani ukhetho. Sihamba sibheka ukuthi umyalezo we-ANC wafinyelela kanjani kubantu. Sifuna ukuqhamuka nezindlela zokuya phambili njengoba sisembhidlangweni wokwakha i-ANC kabusha.”
Ukuqhamuka kweqembu eliholwa owayengumengameli, uJacob Zuma, iMK, kwayilimaza i-ANC KwaZulu-Natal.
I-MK iyona eyathola amavoti amaningi kulesi sifundazwe.
UNkk Mokonyane uthe amalungu e-ANC kufanele angaqheli kubantu uma efuna ukubuyisa amavoti awalahlekele okhethweni olwedlule.
“Kufanele singaqheli kubantu. Izinhlaka zeqembu kufanele zihlezi zisemphakathini. Kufanele le nto yokusondela emiphakathini singagcini nje ngokuyenza uma sekusondele ukhetho kodwa kufanele sihlezi siyenza. Kufanele sisebenze nezinhlaka ezahlukene emiphakathini. Kufanele onke amalungu e-ANC afundiswe ngepolitiki.”
I-ANC izokuba nomhlangano wesigungu esiphezulu ozodonsa izinsuku eziyisithupha. Izinsuku ezintathu zibekelwe ukuxoxa ngemiphumela yokhetho.