UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele, uvule ngokusemthethweni isikhungo sezokuphepha esibizwa ngeNational Joint Operational and Intelligence Structure (NatJOINTS) Co-ordination Centre.
Izwe lilungiselela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoLwesithathu oluzayo ngakho uhulumeni wenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ukhetho lungaphazamiseki. Isikhungo esethuliwe sizzobhekana ngqo nezokuphepha.
Isikhungo sixube izinhlaka zezokuphepha ezehlukene kanti kuhlanganisa nongqongqoshe beminyango ehlukene abasebenza ngokubambisana ukuqinisekisa ezokuphepha.
UCele uvule isikhungo ePitoli, wamemezela ukuthi zonke izinhlaka zokuphepha eziqaphe ukhetho zizohlangana khona. Uthe lokhu kuzosiza ekutheni bakwazi ukuphendula ngokushesha uma kunezigameko eziphazamisa uzinzo ezweni.
Uthe ngeke kugcine ngokhetho kuphela kodwa nokunye okusazokwenzeka kuzobe kugadwe ngeso lokhozi yisikhungo esisha sezokuphepha.
UCele uqhube wathi isikhungo sihlinzekelwe ngazo zonke izinsiza nezobuchwepheshe besimanje ukuze kusebenzeke kahle. UMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, wethule izimoto ezinhlakeni zamaphoyisa ezehlukene.
Zingu-78 izimoto ezethuliwe sezizonke zadluliselwa kwabeTRT, NIU, abezobunhloli, Special Task Force, nabaphenyi bamacala. UMasemola uthe izimoto ezintsha zizolekelela amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo ngendlela efanele.