ANGAPHEZU kwengxenye eyodwa kwezintathu amacala okudlwengula aphenywa ngamaphoyisa eSAPS aqedwe ngonyakamali u-2021-2022.
Lokhu kudalulwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ngesikhathi ephendula imibuzo ngoMsombuluko ePhalamende.
Ubephendula umbuzo welungu lePhalamende, uMnuz Brett Herron weGood Party.UHerron ubuze ngamacala asephothuliwe ukuphenywa futhi adluliselwa kwiNational Prosecuting Authority (NPA) ukuze kushushiswe abasolwa, amacala avalwa ngaphandle kokudluliselwa kwabeNPA nasaphenywa.
UCele uphendule kanje: "Amacala okudlwengula angu-41 695 avuliwe ngo-2021-22, angu-15 824 uphenyo lwawo belwenziwa wuphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika oluphothuliwe. Angu-9 068 amacala avalwa ngaphandle kokuthi adluliselwe kwiNPA.’’
UCele uqhube wathi amacala aphethwa ngaphandle kokudluliselwa kwiNPA angu-9 068, kuhlanganisa nangu-737 okudlwengula angelona iqiniso, angu-823 okungatholakalanga ubufakazi ngawo, angu-6 756 ahoxiswayo kanti angu-97 aphothulwa.
UCele uxolisile ePhalamende ngokusilela emuva kokukhishwa kwemiphumela yolibofuzo elinganiselwa ku-200 000. Ungqongqoshe uthe angu-7 557 amacala uphenyo lwawo oseluphothuliwe adluliselwe kwiNPA ukuze ababoshelwe wona bashushiswe.
"Angu-9 246 amacala okudlwengula abikiwe asaphenywa," kusho uCele.
Ebuzwa ngesilinganiso sesikhathi iSAPS esisebenzisayo ukuze iphothule uphenyo lokudlwengula nezimbangela zokubambezeleka, uCele uthe ukuphothulwa kwecala kuncike ohlobeni nobunzima becala ngalinye, asikho isikhathi esibekiwe sokuphothulwa kophenyo.
“Kunohlelo oluqhubekayo lokuxazulula inkinga yokukhishwa kwemibiko yolibofuzo olwenziwa wuphiko olubhekelele ukukhishwa kolibofuzo emaphoyiseni.”
Uthe ukushoda kosonhlalakahle abacubungula imibiko yamacala okudlwengulwa nakho kunomthelela ekuphothulweni kwamacala.
"Zingu-40 izikhundla zosonhlalakahle abacubungula imibiko yamacala okudlwengula ezikhangiswe ngoSepthemba 2022, inhlolokhono ngazo iyaqhubeka. Ngabaphathi abathatha izinqumo ngokuthi zizogcwaliswa nini izikhala.’’
Wengeze ngokuthi kunezinto ezingathinti amaphoyisa zangaphandle ezivimbela ukuphothulwa kwamacala ezifana nemibiko yongoti bezengqondo.
Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Ronald Lamola, uthe izinga lokugwetshwa kwabanamacala okudlwengula nokuhlukumeza ngokocansi limi phakathi kuka-94% no-100% eminyakeni emithathu edlule.
ULamola ubephendula ilungu leDA ePhalamende, uMnuz Alexandra Graham, ocele imininingwane mayelana nokugwetshwa, ukuhoxiswa kwamacala okudlwengula namacala okuya ocansini nabantu abancane angaphothuliwe.