UFUNA ibheyili ukuze akwazi ukuyodayisa amaswidi, amagwinya namashibusi owesilisa othweswe icala lokubulala indodana yakhe.
UMnuz Siyabonga Innocent Shezi (30) ufake ubeke lamaphuzu enxenxa imantshi ukuthi imnikeze ibheyili.
Usolwa ngokushaya aklinye indodana yakhe uSifundo Sibisi owayenenminyaka eyisishiyagalombili.
Ubuzwe ummeli wakhe kungani iMantshi L Gorie kumele imnikeze ibheyili wathi ufuna ukuyovusa ibhizinisi lakhe.
“Ngifuna ukuthi ngiqhubeke namabhizinisi ami amancane. Ngingumakhi, ngiyabhaka futhi nginebhizinisi lokudayisa oswidi, ukudla okungamagwinya, amashibusi engikudayisa ezikoleni nasemphakathini, “ kuchaza uShezi.
Waboshwa ngoJanuwari 13, 2023 wathweswa icala lokubulala okuhleliwe.
Isidumbu sikamufi satholakala ehlathini eNtshongweni eThekwini sinamanxeba okushaywa ngokuklinya.
Uvele wayihleka usuku yonke into ebikade ichazwa uShezi ethula ubufakazi unina kaSifundo, uNksz Nonhlanhla Shezi obesenkantolo.
Usole uShezi ngokusenga ezimithiyo wathi ubengayenzi yonke lento athi uyayenza, udukisa inkantolo.
Icala lihlehliselwe uJuni 13 nonyaka khona uMbuso uzoyofuna iminingwane ngezinto ezishiwo uShezi ngesikhathi ethula ubufakazi ecela ibheyili.
UShezi ubeqale wadonswa ngendlebe yimantshi ethe akamusa ukudlala uma eza enkantolo.
Ubekade ekhuluma kancane, ebuka phansi unomphela abuye acimeze, wathi kwenziwa ukukhathala anakho.
Ubebuye ajeqeze unina kaSifundo nakade ehlezi nabo abebekade bezomeseka enkantolo.