UMNDENI kamaskanda osola ukuthi ‘uphendulwe’ yinyanga yamenza umkhovu wayo, ucela usizo kwabanye abelaphi bendabuko.
Ilungu lomndeni (esiligodlile igama lalo) lithi sebetholile ukuthi kudlalwa ngoSenzo “Masokanovalo” Ngcobo, ekubeni kuthiwa uyathwasa enyangeni emgcinile eNew Germany, ePinetown.
“Njengoba kwavela ukuthi emzini wakhe (uMasokanovalo) sekuhlala amathwasa ale nyanga, nawo abalekile awushiya. Elinye ithwasa libhale kwiFacebook lithi licela owazi umndeni kaMasokanovalo, awazise ukuthi awamlande enyangeni ngoba ayikho into ayithwasayo kodwa kuzidlalwa ngaye. Lithe nalo seliphumile kuyona ngoba litholile ukuthi umuntu othi uyabathwasisa akayona inyanga kodwa uzidlalela ngabo,” kuchaza ilungu lomndeni.
“Singumndeni sithathe isinqumo sokuthi siyobhula esangomeni. Sithuke soma isangoma sishaya umhlahlo, siveza ukuthi inyanga ithwele kodwa isebenzisa umfowethu ukuthi aye ocansini nesilwane sayo. Lokho kwenze saba novalo lokuthi ingambulala umfowethu uma yenza kanje. Sicela ongaba nosizo asilekelele ukuze kubuye umfowethu ekhaya ngoba sesitholile ukuthi akaphephile lapho ehleli khona. Inkinga ukuthi nathi siwumndeni inyanga ayisivumeli ukuthi singene emzini wayo ukuzobona umfowethu. Yikhona okwenza sishaye amakhala ngoba asikaze sikuzwe lokho uma umuntu ethwasa ngempela,” lisho kanje.
Omunye umaskandi oseke wenza imizamo yokulanda uMasokanovalo enyangeni wehluleka, uPhuzekhemisi, uthe uyacela ongaba nosizo kulekelelwe umndeni.
“Umndeni uyafika kumina ungikhalele uthi ucela ukuthi ngiwulekelele ukuze kubuye umculi ekhaya. Njengoba ngahluleka sengizifikele mathupha, lapho kuhlala khona uMasokanovalo. Kayisekho eminye imizamo ngaphandle kokuthi sicele abanye abantu ukuthi bangenelele. Kungaba yinyanga noma umuntu ozonikela ukuthi kukhokhelwe inyanga ezokwazi ukumlanda ngoba emndenini wakhe abasebenzi,” kusho uPhuzekhemisi.