AKAFUNI bashaywe induku eyodwa unyaka nonyaka eMnambithi umphathiswa. Njalo uma liyidliva imvula ehlobo, idolobha lintanta emanzini.
Usho kanje uMfundisi Thulasizwe Buthelezi onguMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu eMnambithi.
Umnyango oholwa uButhelezi ubuzonikela ngamaloli athutha amanzi amabili kuMasipala wesiFunda uThukela onenkinga yamanzi.
Lo mnyango ukholelwa wukuthi ukunikela kwawo ngamaloli kuzokwehlisa umthwalo wemali komasipala abangaphansi koThukela kwazise abashayeli bazokhokhelwa iwona.
“Ngibuze uMasipala i-Alfred Duma ukuthi iluphi uhlelo ozolusebenza uma idolobha ligcwala amanzi khona sizofaka imali kwakhiwe izindlela ezintsha zokuhambisa amanzi. Bathe alukho lolo hlelo. Ngakho ngizolucela ukuze ngitshale imali kulona,” kusho uButhelezi.
Ugcizelele ukuthi uyalufuna uhlelo khona kuzohlelwa kabusha imigudu ehambisa amanzi edolobheni uMnambithi.
Uqhube wathi uma bewumnyango behlulekile ukunakekela idolobha, bayobe bashayeke udume lwengozi ngoba liyisizinda okuhlanganyela kusona bonke abantu.
“Njengoba kuza imvula, asikwazi ukushaywa induku eyodwa unyaka nonyaka. AbaseSpar bakhale ngezimpahla ezintanta emanzini, abantu bangakwazi ukungena edolobheni futhi izitolo zingenwa amanzi kube nomonakalo,” kusho uButhelezi.
Umphathiswa uthe uyalufuna uhlelo olucacisa ngemigudu emisha ezohambisa amanzi ukuze baluxhase.
Sekujwayelekile ukuthi idolobha lintante emanzini uma liyidliva. Ligcwala amanzi asuke echitheka emfuleni iBellspruit abantu batakulwe abezimo eziphuthumayo nabezinhlekelele.
Zadlula nemiphefumulo yabantu abacela ku-10 izikhukhula ezahlasela eMnambithi ngoDisemba ngonyaka odlule.
Abantu ababehamba ngeveni emgwaqweni uN11 bebuya emcimbini baguguleka batholwa ngezinsuku ezahlukene.
UButhelezi uthe uzobuya kungekudala kule ndawo ukuze babhunge kabanzi ngezinhlelo zamanzi emawadini.