IFOLOSA ngoSihlalo wayo i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma, kwabazojutshelwa esiShayamthetho sesifundazwe ngemuva kokhetho.
UDuma ulandelwa ohlwini yiPhini lakhe, uNksz Nomagugu Simelane onguMphathiswa wezeMpilo, alandelwe nguMnuz Sipho Hlomuka iPhini likaNobhala jikelele, kuthi uMphathiswa wezeMfundo, uNkk Mbali Frazer, alale endaweni yesine.
UNdunankulu Nomusa Dube-Ncube, ngokohlu olukhishwe yi-ANC, ulele endaweni ka-31.
Okuqaphelekile ngukuthi usihlalo we-ANC eThekwini, uNkk Zandile Gumede, akekho ohlwini njengoba esahamba amacala.
UNksz Sizophila Mkhize oke wahola iCosas ulele endaweni yesihlanu, kuthi uNkk Hlengiwe Mavimbela usendaweni yesithupha.
Ngokwalolu luhlu, uSomlomo wesiShayamthetho ulele endaweni yesishiyagalombili, uDkt Ntuthuko Mahlaba uMgcinimafa we-ANC esifundazweni, usendaweni yesishiyagalolunye.
OwayenguMphathiswa wezeMfundo, uMnuz Mthandeni Dlungwane, yena ulele endaweni ka-10, kuthi imeya yaseHarry Gwala, uMnuz Zamo Nxumalo, isendaweni ka-11.
UMnuz Mike Mabuyakhulu ukhuza ibuya esiShayamthetho uma le nhlangano ithola amavoti enele njengoba elele endaweni ka-63.
UMabuyakhulu owayephethe uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, wacela ukuma kuyona yonke into eyayithinta i-ANC ngoba kwakunophenyo olwaluqhubeka olwagcina lumkhiphe phambili, mayelana nomunye wemicimbi wokwenza iJazz.
OwayenguMphathiswa wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni, uMnuz Jomo Sibiya, yena uphakanyiswe ukuthi aye ePhalamende ngemuva kokhetho.
USibiya ongomunye wabaluleka uMengameli Cyril Ramaphosa, wakhishwa esikhundleni sokuba ngumphathiswa esifundazweni emuva kokungena kobuholi obusha be-ANC, okumanje buholwa nguDuma.
Abanye abantu abaya ePhalamende oNkk Nomalungelo Gina, iPhini likaNgqongqoshe wezoHwebo. Abanye abaholi ababuyayo uDkt Zweli Mkhize, oke waba ngungqongqoshe wezeMpilo kuleli.
UDkt Sibongiseni Dhlomo ngomunye wabakhuza ibuya, njengoba eyiPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo.
Abanye abakhona kulolu luhlu, kubalwa ilungu lePhalamende uMnuz Sdumo Dlamini, uMnuz Edwin Mkhize onguNobhala weCosatu esifundazweni.
UNksz Bathabile Dlamini oke waba ngungqongqoshe wezeNhlalakahle ngomunye okuphakanyiswe igama lakhe ukuthi aye ePhalamende.
Oke wakhulumela i-ANC esifundazweni, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uvela ohlwini oluya esiShayamthetho, noluya ePhalamende.
UMnuz Lucky Moloi, umyeni kaMphathishwa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongi Sithole-Moloi naye obuyayo, ungenile ohlwini lwabaya esiShayamthetho.
Abangekho ohlwini kubalwa uMphathiswa wezokuHlaliswa kwaBantu, uMnuz Sipho “KK” Nkosi, nozakwabo wezezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza, abaveza ukuthi sebethi khumu.
UNobhalaJjikelele uMnuz Fikile Mbalula ekhuluma nabezindaba izolo, uthe uyabathemba bonke abajutshelwe ukumela le nhlangano.
Uthe ohlwini kukhona intsha, abantu abanamava kanjalo nabaphila nokukhubazeka okubalwa nabathandana nobulili obufana nobabo.
Uveze ukuthi kunemigomo abajutshiwe obekumele bahlangabezane nayo, wathi bekudingeka iziqu futhi kungabi umuntu oseke walahlwa amacala.