Othishanhloko basezikoleni ezintulayo ezenze kahle ku-matric ngo-2023, bathe basebenzise izinsiza ezincane abanazo, bangachitha isikhathi bebalisela izinto abangenazo.
INdukwenhle High iphase ngo-100% okuthuse abantu abaningi ngoba lesi sikole phambilini, besaziwa ngokuthi kukwampunz’edla emini.
Uthishanhloko waseNdukwenhle High eseMlaza, uMnuz Siyanda Mbonambi, uthe phambilini okwakwenzeka kulesi sikole wawungasifanisa neYizo Yizo okuwumdlalo weTV owawuveza isikole esasiyisidleke semigulukudu. Uthe bekudliwa izidakamizwa kubhenywa insangu, kubanjwa abafundi inkunzi bengaphakathi esikoleni nokunye.
UMbonambi obonakale kumavideo ezinkundleni zokuxhumana edansa ngenxa yenjabulo, uqale ukuba uthishanhloko obambile kulesi sikole ngo-2021, kodwa ufike ngo-2014 ezofundisa iMaths, ephuma eVelabahleke High.
Lesi sikole asibiyiwe, amakilasi angu-16 awanawo ugesi, asinalo ucingo lwezokoxhumana. Kusetshenziswa iselula yakhe uma kuthintwa abantu ngocingo, amadeski awanele, othisha nabo kabenele.
UMbonambi uthe yena usebenzisa lokho okukhona, akalibali ukubalisa ngezinsiza ezenza ukuthi kube lula ukufunda.
Ngo-2021, u-matric uphase ngo-87.9%, ngo-2022 waphasa ngo-96.6 njengoba kukulo nyaka sithole u-100%
"Asikwazi ukufunda ebusuku njengezinye izikole ngoba amakilasi kawanawo ugesi. Singena ngo-6 ekuseni siphume ngo-6 wantambama, sifunde nangezimpelasonto,“ echaza.
Uthe uthathe izintambo kulesi sikole othishanhloko abangaphambi kwakhe sebeqalile ukuzama ukusibuyisela endleleni kodwa abazali besemanqikanqika ukuletha izingane zabo.
" Lesi sikole sike saba nabafundi abangu-250. Ngiqale ukuphatha sinabafundi abaphakathi kuka-600 kuya ku-700, sabambisana nothisha ngokuba nezinhlelo zokungena ekuseni, siphinde sibe nohlelo lwabafundi abangaphasi yize benza konke okwenziwa abanye. Bona sibalekelela ngokuthi sibacathulise, siphinde sithole ukuthi imaphi amakhono abanawo bese sibafakela izicelo emaTVET.
“Uma sebemukeliwe sibafakela izicelo esikhwameni esisiza abafundi ngemali yokufunda. Lolu hlelo lusiza kakhulu ngoba lwenza ukuthi umfundi onjalo aqale ukuyofunda eTVET esenokuzethemba ngoba sinezinhlangano eziningi ezisilekelekayo ukuze lube impumelelo," kuchaza uMbonambi.
Ngo-2022, uthe imiphumela ka-matric yayingu-87.9% okwaheha abafundi, manje sebengu-1 200 nothisha abangu-16 kodwa ngokwesibalo sabafundi badinga abangu-25.
Uthe into edlangile ukugqekezwa kwesikole ngoba isikole siseduze kwemijondolo.
"Ugesi ufakwe ekupheleni konyaka odlule emakilasini wonke, ngoDisemba, zantshontsha izintambo, nyakenye sasinikelelwe ngezihlalo namatafula okuhlala abafundi, amatafula antshontshwa. Ngo-2022 kwebiwa ama-laptops enye kwakungeyami eyayinomsebenzi wonke wesikole. Ukube ngangingalwenzanga uhlelo lokugcina umsebenzi kwenye i-App ngabe abafundi abawatholanga ama-riphothi.
UMnuz Charles Khuzwayo uthishanhloko waseMzuvele High KwaMashu, uthe kunzima satshe ukushintsha abafundi abebazi ukuthi bafika noma ngasikhathisini esikoleni baphinde bahambe uma sekuthi abahambe.
Uqale ukuphatha lesi sikole ngo-2021, ephuma eSivananda Technical High School, ngalowo nyaka u-matric waphasa ngo-31%. Nyakenye uphase ngo-77%, kwathi kulo nyaka waphasa ngo-93.4%.
Nyakenye, siklonyeliswe iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ngokuba yisikole esibhukule kunazo zonke eThekwini.
Uthe othisha bafundisa amakilasi engeziwe aba sekuseni, ntambama, ngezimpelasonto nangamaholide ukuze bathole imiphumela abayitholile.
Uthe waqala ngokushintsha izinto ezincane ezenza abafundi bangazimiseli.
"Ngigcizelele ukuthi umfaniswano ugqokwe uphelele, ukuthi uma umfundi efika sesingenile isikole akhombise ukuthi usephutheni agijime akhombise ukulangazelela ukufunda, uma engakwenzi lokho athole isijeziso Kube nzima ukufaka lelo siko ngoba bebazi ukuthi bazenzela umathanda, obekwenza ukuthi nabafuna ukudayisa izidakamizwa esikoleni bakwazi ukukwenza kalula. Ngesikhathi sesiqalile ukuqinisa isandla kubafundi kwaze kwagwaza nothisha ngoba kwase kubonakala ukuthi siyaphela isidleke kanti nesikole sesibiywe ngothango oluwucingo olwenza ukuthi ubone kahle,“ usho kanje.
Uthe umbono wakhe ukuthi enyuse izinga lokuphasa kuka-matric eminyakeni emithathu eqalile ukuphatha, kwelandelayo asebenzele ukuthi ngemuva kweminyaka emihlanu uMzuvele ube usuyisikole abafundi abaningi abafisa ukufunda kuso.
"Ukubambisana nothisha, abazali, osomabhizinisi nabaholi nomphakathi yikhona okusenze safika kuleli zinga. Njengamanje bonke abafundi ngo-7.30 basuke sebesesikoleni, uma sebengaphakathi singothisha senza isiqiniseko sokuthi bayafunda. Abazali nomphakathi benza isiqiniseko sokuthi kuphephile esikoleni.
“Sinokuncintisana okuhle nezinye izikole ezikwiSiyingi saKwaMashu. Uma kukhona engikubonile kusebenza kwesinye isikoleni ngiya kuleso sikole ngiyobuza ukuthi basebenzise ziphi izindlela ukuze baphumelele," kusho uKhuzwayo.