SIBONGE inkampani eyathintwa wudaba lokushodelwa imali yokufunda isitshudeni ebesithweswa iziqu eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, kuleli sonto.
UNksz Snegugu Magutshwa waKwaFakazi, ngaseLovu, obethweswa iziqu zakhe zeHonours Bachelor in Education Leadership and Management, nyakenye wathola o-distinctions abangu-21, ezifundweni ezingu-29 ayezifunda eDurban University of Technology, ngesikhathi enza iBachelor of Education.
Kwavela ukuthi yize ayephase ngamalengiso kodwa wayengaqedile ukukhokha ngoba iNFSAS yayingakamkhokheli iziqu zakhe zihleli enyuvesi futhi esafisa ukuqhubeka nezifundo zakhe, esebhalisile kodwa engazi ukuthi uzoqhubeka akhokhe ngani ngoba engakawutholi umsebenzi.
Uthe kwavela uMsamariya BPI Foundation NPC emkhokhele imali eyayishoda eDUT, yaphinde yakhokhela iHonours.
"Ngajabula kakhulu ukuthi kube khona abangipha ithuba elinjengaleli, njengoba kade ngithweswa iziqu zami ngibuye nazo, angikhathazekanga ngokuthi ngizokhokha ngani njengoba kwenzeka nyakenye. Ngiyethemba bayajabula ukuzwa ukuthi ngiphumelele ngisazoqhubeka ngenze iMasters of Education Management and Leadership ngoba ngiyawuthanda umkhakha wezemfundo," kusho yena.
Uthe nakulo nyaka akakawutholi umsebenzi, unethemba lokuthi kukhona okuzoqhamuka.
Le ntokazi ithe yenze ucwaningo ibheka ukuthi othishanhloko bezikole bebesebenza kanjani ngesikhathi kuhlasele ubhubhane lweCovid-19 wathola, ukuthi abaningi basizwa ezobuchwepheshe okungamafoni ne-Internet ukuze baxhumane nothisha noma nabafundi.
“Ngikhethe ukwenza lolu cwaningo ngoba nami ngelinye ilanga ngiyafisa ukuba uthishanhloko ngiphathe isikole bese ngiqhubekela phambili ngoba ngiyazifela ngezemfundo,” kusho uNksz Magutshwa.
UMnuz Nkosana Thobela weBPI Foundation NPC, uthe bajabule kakhulu ukuthi uNksz Magutshwa uphumelele ezifundweni zakhe nokuthi bakwazile ukumsiza afeze iphupho lakhe. Babangeke bathule bebebona umuntu osemcane okwazi ukuzikhandla njengalo engakwazi ukuqhuba izifundo zakhe.