UHLALISWE phansi wakhuzwa ngokuba namawala umholi woPhiko lweNtsha yoMkhonto weSizwe, uBonginkosi Khanyile osematheni ngokukhaca abantu aphinde akhininde izindaba zenhlangano ezibucayi esidlangaleni.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bebekhala ngoKhanyile bethi sekuqale uqhekeko eqenjini elisha njengoba esekhuluma ngemibango yezikhundla.
UMkhonto weSizwe usematheni emuva kokuthi wethulwe ngoDisemba. Owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma wamemezela ukuthi uzokweseka leli qembu akasayingeni indaba ye-ANC.
Okhulumela uMkhonto weSizwe, uMnuz Nhlamulo Ndlela, uqinisekise ukuthi kube nenguyazana lapho bekulungiswa khona udaba lukaKhanyile.
“Kade sihleli kuyithina sonke noKhumalo naye uKhanyile sizama ukuxoxa ngoba intsha uyayazi ukuthi ibuye ibe nomdlandla kakhulu. Kuyadingeka ukuthi sibuye siyichushise siyikhuze. Inhloso yakhe wukwenza umsebenzi wokuba wumholi kodwa angenza kangcono kunalokhu akwenzile,’’ kusho uNdlela.
UNdlela uthe alukho uqhekeko kodwa okwenzekayo kuvamile kuwo wonke amaqembu amakhulu. Uthe abazimisele ngokuya engqungqutheleni, bayoze baye emuva kokhetho lukazwelonke. Uthe into okufanele bayigade wukuba nezinhlaka ezizibekayo zigcine zivukela umbutho.
UKhanyile, onguMdidiyeli weMK Party Youth League, uvela kuma-video ahlukene evuka umbhejazane ekhuluma ngolaka. I-vidiyo imveza ekhaca omunye umuntu omusha ethi akaphumele phandle ngoba uyahlupha.
“Wena phuma phandle! Phandle demedi! Ungumdayisi. Phuma!,’’ kusho uKhanyile ekhuluma ngombhobho bese kuzwakala omunye ebuzisisa ukuthi kukhishwe muphi. Kubonakala izinsizwa zimkaka lowo okuthiwa akakhishwe zimkhomba indlela.
Kwenye i-vidiyo uvela ekhuluma ngoZuma noMnuz Jabulani Khumalo owabhalisa uMkhonto weSizwe. UKhanyile uzwakala esola uKhumalo ngokujikela uZuma ethi usemdala akafanelwe yizikhundla.
“Kunomfana la okade ehleli ehhotela noKhumalo lo ozibiza ngokhomanda Khumalo. Bebehleli behlohlana nenye intsha bethi uMsholozi usemdala, sekufanele kuhole uKhumalo. Ngeke siyivume indlela efana nobekuphethe ngayo oMbalula,’’ kusho uKhanyile.
Uze akhale ngokuthi kukhona abaxakwa amambawu bese benza ukuthanda kwabo eqenjini.
“UZuma kade emusha ememezela uMkhonto (ngoDisemba), sonke sagijima ngoba sila ngenxa kaZuma. NgoJanuwari usemdala? Kade emusha esawumemezela uMkhonto, uma usuhlangana udla abantu usemdala. Naye uKhumalo siyintsha siqonde ngqo sithi ngeke ahole iqembu kukhona uZuma,’’ kusho uKhanyile enanelwa yinhlokomo.
Ubeze abuze ukuthi uKhumalo ungubani, uvelaphi ngoba akaziwa emzabalazweni kodwa kwaziwa uZuma.
UKhanyile uthe uma bengeke baholwe wuZuma sekufanele baholwe wubani. UKhanyile owayeyisishoshovu se#FeesMustFall, uqokelwe esikhundleni sokuba umholi wesikhashana ngoJanuwari nonyaka.
Ngaphambi kwalokho ubeyilungu lePatriotic Alliance (PA) eyamxosha emuva kokubonakala emhlanganweni woMkhonto weSizwe.
UKhanyile uzanywe kaningi ocingweni lungabanjwa wathunyelelelwa nemiyalezo wangayiphendula.