UYAZIHLANGULA ummangalelwa wokuqala kwabayisithupha ababhekene necala lokusoconga ikhansela likaMasipala uMdoni elalibuye libe wugobela, uMnuz Qedukwazi Theodore Mzimela.
UMnuz Mcebisi Mfezeko Mdeni ubaphendukele esiswini njengotshwala aboshwe nabo wabachakida, ezikhipha ngokuthi yena akazi lutho kodwa yibona abangongqondongqondo betulo lokusocongwa kukamufi namathwasa akhe amabili.
UMdeni lokhu ukuveze ngomlomo wommeli wakhe u-Advocate Shelembe njengoba ebekade ecela ibheyili izolo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Aboshwe nabo ngoMnuz Mthokozisi Goodman Mqadi, Bheki Sibiya, Ayabongwa Tshibane, Mduduzi Mthethwa noPhilane Sanele Hlongwane.
Umufi kuthiwa wabulawa ngoMashi 15 nonyaka ehamba namathwasa akhe amabili oMnuz Senzo Ngema (34) noPhumlani Hopewell Mbutho (28) esigamekweni esenzeka eSpringfield, eThekwini.
Isidumbu sikaMzimela namathwasa zatholakala ngaphansi kwebhuloho eliseMngeni zayiswa emakhazeni asePhoenix.
Kwase kunesikhashana kuzungeza isithombe sikaMzimela ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa unyamalele kungaziwa ukuthi ushonephi.
Elandisa inkantolo ngokwenzeka uMdeni, uthe umufi wayekade enqaba ukubuyisela ummangalelwa wesibili uMqadi imali yakhe ayekade emkhokhele yona ngesikhathi emthwasisa.
"UMqadi wacela mina ukuthi ngiyenge uMzimela ngiqambe amanga ngokuthi ngigulelwa yimfuyo yami, makasuke eMzinto ezongilekelela ngokuthi ayelaphe ingafi. UMzimela ubedume ngokuthi uyakwazi ukwelapha imfuyo,'' kuchaza yena.
Eqhuba uthe nebala wamshayela ucingo uMzimela wamtshela ukuthi imfuyo yakhe ayikho esimweni esikahle, ucela ukuthi aphuthume eThekwini namakhathakhatha.
"UMzimela wavuma ngokushesha ngoba ubewuthanda umsebenzi wokwelapha izilwane. Uyena futhi owathi makuhlanganwe eSpringfield,'' kuchaza yena.
Uthe uMzimela esefikile eSpringfield wayephelezelwa ngamathwasa akhe amabili.
"Sabathatha sahamba nabo saya endlini eseKenville. Kwathi uma sifika khona uMduduzi Mthethwa wabakhomba ngesibhamu. Ngemuva kwalokho wathi mabalayishwe emotweni kuhanjwe okuyilapho esagcina simisa imoto ebhulohlweni eliseMngeni,'' kusho yena.
Uthe sebefikile khona uMqadi noMthethwa babehlisa bobathathu emotweni. Uthe uMthethwa wamguqisa phansi uMzimela wamdubula kathathu ekhanda nasentanyeni.
Ngemuva kwalokho uthe wajikela emathwaseni ewabuza ukuthi ayazi yini ukuthi kungani ebulawa uMzimela.
"Amathwasa aphendula ngokuthi sinye isitha sikagobela wawo asaziyo okunguMqadi osekuphele isikhathi eside efuna ukubuyiselwa imali yakhe,'' kusho uMdeni.
Uthe ngemuva kwalokho uMthethwa nawo amathwasa wawaguqisa phansi wawadubula ashonela endaweni yesehlo.
Uthe akukho yena akwenza ngaphandle kokuthi wayenga uMzimela ngokuthi azokwelapha imfuyo nakhona lapho uthe wayengazi ukuthi bazomdubula.
Uveze ukuthi uMqadi wabe esethatha amakhadi amabili, elase-Capitec nelase-Standard Bank esikhwameni sikaMzimela ngoba wayesembuzile inombolo eyimfihlo wayokhipha imali egaraji eNewlands naseDurban North.
Ugcizelele ukuthi uzoyihlonipha yonke imiyalelo yenkantolo uma kwenzeka imnikeza ibheyili.
Kuvele ukuthi uMzimela wayemkhokhise u-R17 500 uMqadi ngokumthwasisa.
Ukulalelwa kwesicelo sebheyili kuyaqhubeka namhlanje.