KUZOCACA kuleli sonto ukuthi akhona yini amacala okumele uMengameli Cyril Ramaphosa abhekane nawo ngokutholakala kwemali engamaDola epulazini lakhe eliseLimpopo, iPhala Phala.
Ithimba eliholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi, uSandile Ngcobo, kulindeleke ukuthi lethule umbiko kuSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, ngoLwesithathu.
Okhulumela iPhalamende, uMnuz Moloto Mothapo, ukuqinisekisile ukuthi usomlomo uzothola lo mbiko.
Uthe ziningi nezinye izinto ezizobe zenzeka ePhalamende kuleli sonto.
Uveze ukuthi uRamaphosa uzophendula imibuzo yamalungu omkhandlu wezifundazwe ePhalamende ngoLwesine ntambama.
Leli thimba lasungulwa kulandela ukufaka isiphakamiso sobungabethembi ubuholi bukaRamaphosa sifakwa yi-ATM, emuva kokuvela kwezinsolo zokutholakala kwemali kuleli pulazi emuva kokuba owayeyisikhulu sezobunhloli, uMnuz Arthur Fraser, amangalela uRamaphosa.
Akungabazeki ukuthi amaqembu aphikisayo azobe ewulinde ngabomvu umbiko waleli thimba elacela ukuthi lihlehliselwe umnqamulajuqu wusomlomo ngoba kukhona izinto elalisazilungisa ngawo.
Ithimba lizokhipha lo mbiko nje sekusele izinsuku ezingu-17 ngaphambi kokuthi kube nengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC.
Ingqungquthela izoqala kusuka kuDisemba 16 kuya kuDisemba 20 eNasrec, eGoli.
URamaphosa ufuna ukuthatha ihlandla lesibili njengomengameli we-ANC.
UDkt Nkosazana Dlamini Zuma, ogaqele ukuhola i-ANC, ephawula ngeledlule, uthe ucabanga ukuthi likhona icala uRamaphosa angabhekana nalo ngodaba lwasePhala Phala.
Kodwa ngokwezibalo zamagatsha e-ANC, umbango wokuhola le nhlangano kwesobumengameli uphakathi kwakhe noDkt Zweli Mkhize.
NgoMgqibelo uMkhize ubevakashele ibandla lakwaShembe esigodlweni saseNyokeni, KwaNongoma.
Ubeyocela nezibusiso kumholi waleli bandla, uMnuz Mduduzi Shembe, njengoba engenele umbango.
UMkhize utshele uNyazi ukuthi uzimisele ukuthumeka alungise izinto ezifana nenkinga yokucishwa kukagesi, indlala ebhuqa abantu, ukushoda kwamathuba omsebenzi, ukulwa nezidakamizwa kanjalo nobugebengu obudlangile kuleli.