ONGUMBHALI wencwadi ekhuluma ngokuqhakanjiswa kwamasiko ikakhulukazi ezinganeni ezikhulela emindenini exube amasiko, uthe ufisa abantu abasha bafunde ngemvelaphi yabo.
Umbhali wencwadi, uNkk Tanya Junghans, ohlala eSwitzerland uvakashele eNingizimu Afrika nokuyilapho ekhulele khona ezokhangisa ngencwadi yakhe i-Dreamer: The Activation of Makeba ephume ngoJuni 1. Uthe ukuzalwa kwendodakazi yakhe kwamgqugquzela ukuthi abhale le ncwadi.
Uthe ufuna ukushiyela ingane yakhe into enhle engaziqhenya ngayo ngokuba ngumZulu.
UNkk Junghans, owazalelwa khona lapha eNingizimu Afrika, uthe ufisa ukuthi umfundi wencwadi ajabule ngaphezu kokufunda isifundo.
“Uma umuntu ethole ukuthi ufunde okuthile, ngingathanda kube ubuhle baseNingizimu Afrika. Ngingathanda ukuthi umfundi aziqhenye ngokuceba kwezindawo, abantu nempilo yaseNingizimu Afrika. Ngingajabula ukuzwa ukuthi le ncwadi iyindlela yokuzijabulisa ngamaphupho nomqondo,” kuchaza uNkkk Junghans.
Uchaze wathi le ncwadi inezihloko eziningi, kodwa ingqikithi enkulu eyokuzazi, ukuzamukela nokuzithanda.
Enezela uthe le ncwadi ikhuluma ngentombazane ekhathele futhi ehlulwe impilo ize icishe ingabi nalo ithuba lokusindisa impilo yayo ngenxa yezinkinga zokuphila nesifo sokuphazamiseka ngengqondo. Uthe kukho konke okuyizingqinamba ebhekana nazo iyavuka izithathe futhi ibe namandla ize iphathe umhlaba wonke.
“Nginethemba nje lokuthi njengombhali, ngizobhala izincwadi ezikhuthaza izingane ukuba zifunde. Yilokho okuncane engingakwenza,” kusho uNkk Junghans.
Uthe ukwamukelwa kwencwadi yakhe kumumangalise kakhulu. Uphinde wathi uhlale emangazwa uthando abantu abamkhombisa lona uma befunda umsebenzi wakhe.
“Ngiyabonga ukuthi umsebenzi wami ungenza ngikwazi ukugqugquzela abantu ukuthi babheke ngaphakathi kubona futhi bavule izinhliziyo zabo ukuze bazithuthukise,” kusho yena.
Uphinde wathi le ncwadi beyingumgubho wamasiko nenkolo yabazali bakhe, futhi uyethemba ukuthi ngayo wonke umuntu uzozithola elapho efisa ukuba khona futhi egubha amasiko akhe nemvelaphi yakhe.