UKUPHENDULWA ihlaya ngezinye izitshudeni, akuzange kusinqinde amandla isitshudeni esizifundise ngemali yokudayisa oncamnce ebesiphinde sondle ngayo umndeni waso.
UNksz Nosipho Ngidi (23) waseMjoji, eNdwedwe, odume ngelikaMa-chips kozakwabo afunda nabo eMangosuthu University of Technology nobethwesa iziqu zeNational Diploma kwi-Office Management and Technology ngeledlule, uthe ukuphenduka ihlaya ngoba eziphilisa ngokudayisa, akuzange kumnqinde amandla ekuphokopheleni ukufeza izifiso zakhe zokushintsha isimo sakubo.
Lesi sitshudeni okuyimanje senza i-Advanced Diploma emkhakheni ofanayo, saqala ukudayisa oncamnce kusukela sisafunda emabangeni aphakeme eLockhat High, eNdwedwe nalapho sasenzela ukulekelela unina obesebenza emajalidini.
“Siyisithupha kumama, ngingowokuqala ukufinyelela ku-matric nasesikhungweni semfundo ephakeme. Ngesikhathi ngiqeda isikole ngo-2017, kwadingeka ukuthi ngihlale ekhaya iminyaka emibili okwadalwa ukungasitholi isikhala sokufunda ezikhungweni engangifake izicelo kuzo. Ngaleso sikhathi, umama wayeseyekile ukusebenza emajalidini. Kwadingeka ukuthi abuyele eyosebenza emzini wezihlobo oseGoli ukuze ngithole imali yokufaka izicelo kodwa ngangingabizwa,” usho kanje.
Uthe ngawo u-2019, usuke emakhaya wayohlala ezihlotsheni eMlaza ukuzama umsebenzi ukwelekelela unina obesehlushwa ukugula. Uqale ukudayisa amahotdog eziteshini zezitimela eThekwini kodwa kungathengwa ngokwanele kangangoba wayegcina esephisana ngawo. Uthe ngawo lowo nyaka wathola ukuthi ukhulelwe nokwenza ubudlelwane bakhe nonina bangaba buhle.
“Ngacabanga elinye iqhinga ngabuyela ekudayiseni amachips. Ngangima emasangweni esikole eMhawu, nakhona kwakungathengwa ngokwanele. Ngesikhathi ngithathwa eMUT, ekhaya kwakungekho mali kodwa ngesikhathi ngibikela umama ukuthi ngithathiwe, wajabula kakhulu wangixolela. Kwaqala unyaka sengihlala endaweni okuhlala kuyo izitshudeni zaseMUT, ngabeletha. Kwaphoqa ukuthi ingane ngiyihambise ekhaya ngiyishiye nomama isenezinsuku ezintathu kuphela izelwe,” kuchaza yena.
Uthe unina wamnikeza uR150 okwakumele kuthengwe ngawo amanabukeni endwangu engane, ngenxa yokuthi wayengenalutho lokudla ethembele kumngani wakhe ababehlala naye endlini. Uthi yiwo aqala ngawo ukudayisa ngaphakathi eMUT.
Uthe izitshudeni zimxhasile zithenga kuye okumsize kakhulu kwazise ubengakalutholi uxhaso esikhwameni esibhekele ukuxhasa izitshudeni, iNSFAS. Ukuxhaswa okukhulu akutholile ngesikhathi edayisa, uthe yingesikhathi kufika osaziwayo eMUT emcimbini owawuhlelwe yisikhungo, lapho umculi wowokholo uJumbo namaQwabe Twins bathenga kuye ngemali eyamsiza ukukhipha izinto zokwakha esitolo ayelokhu ezikhokhela kancane, kwaba ngukuqala kokushintsha komuzi wakubo athe uwakhe ngayo imali yokudayisa.
UNksz Ngidi uthe imali ayithole ngesikhathi edayisa oncamnce eminyakeni emithathu edlule yiyona futhi emlekelele ukuthi azikhokhele njengoba enza i-Advanced Diploma kulo nyaka kwazise isitshudeni esiyenzayo kasilutholi uxhaso lweNSFAS, nasekuvuleni inkampani yakhe eyenza imibhalo ifake nama-logo alesi sikhungo ezikibheni, iMPK Embroidery.
Uthe isifiso sakhe ngukuthola umsebenzi ozomenza aqhubeke nokondla umndeni wakhe.