UKHALE ngabamzilise kabuhlungu eshonelwe umngani wakhe owesifazane waseNanda eThekwini obengumngani wephoyisa elibhokodwe ngommese yisoka lalo laze lafa ngeSonto.
Kulesi sigameko kufe uNksz Yolanda Bianca Khuzwayo (23) waseGlenmore, kwaboshwa uMnuz Sizwe Ngema (27). Bobabili bebengamaphoyisa kaMasipala weTheku.
Isigameko esishaqise abaningi, umsolwa enameka ezinkundleni zokuxhumana i-video kamufi ephuma umphefumulo, senzeke eflethini elisemgwaqweni uJoseph Nduli (Russell) enkabeni yeTheku.
Emva kwalesi sigameko, kuvele izinkulumo ezehlukene, abanye bethi umsolwa ubulale umufi ngoba ethole ukuthi uhushule isisu.
Abanye bebethi umsolwa uthole ukuthi ingane abeyikhulelwe umufi bekungesiyo eyakhe.
Kugcine kungena igama likaNksz Anele Sandra Mkhize, ongumngani kamufi, kuthiwa uye obaqhathile, kwasolwa yena ngokubulawa komngani wakhe.
Embhalweni omude awubhale ekhasini likaFacebook okukholakala ukuthi ngelikaNksz Mkhize, unameke nama-voice note amabili, eyakhe lapho abezwakalisa khona ukukhathazeka ngomufi, kuthi kwenye, kuzwakale umufi echaza ngesimo esingesihle phakathi kwakhe nomsolwa.
Kwi-voice note okukholakala ukuthi ngekaNksz Mkhize, uzwakala ethi uzokhuluma iqiniso kumufi njengomngani.
“Mngani ukhombisa ukudideka, ukhuluma into uphinde uziphikise, lokho kuyasisabisa singabangani bakho futhi kuyasikhathaza. Uma udiniwe othandweni, ufuna ukuyihushula ingane, uma ujabulile, ufuna ukuyigcina,” kusho uNksz Mkhize.
Uqhuba athi bona bagcina bengasazi ukuthi kufanele bameseke kanjani.
“Thatha isinqumo bese uyama kuso. Udinga ukuthi uhlale phansi, ucabangisise, bese uthatha isinqumo esisodwa, esizokweseka kuso thina,” kusho uNksz Mkhize.
Uphinde athi uNksz Khuzwayo kudingeka athathe isinqumo ngokushesha ngoba isikhathi sesihambe kakhulu.
Uveza ukuthi umufi ubeke washo ukuthi uzomtshela umsolwa ukuthi uyangabaza ukugcina ingane.
“Ngagcina ngingazi ukuthi ngijabulele ukuba u-anti noma ngikhathazeke ngokuba umngani womuntu owumbulali. Kufanele usicacisele ukuthi sizoba ngo-anti noma sizoba abangani bombulali,” kusho uNksz Mkhize.
Kuwona lo mbhalo uNksz Mkhize ubuye aveze ukuthi ukwehlulelwa kwakhe abantu ezinkundleni zokuxhumana kuholele ekutheni angamukeleki emndenini kamngani wakhe.
Waveza nokuthi ngenxa yabantu ‘abangazi lutho’ ngeke esakwazi ukungcwaba umngani wakhe. Ukhale ngabantu abakhuluma into abangayazi.
Kwi-voice note okukholakala kuthi ekamufi, kuvela ukuthi wayesehlele ukuthi kungenele umamncane wakhe engxabanweni yakhe nomsolwa, wathi mhlawumbe uma ikhulunywa kukhona umuntu omdala izoxazululeka.
Imizamo yokuthola uNksz Mkhize, ayiphumelelanga.
Umamncane kamufi, uNksz Nozipho Khuzwayo ucele ukungaphenduli wathi akekho esimweni sokukhuluma nabezindaba.