OWAYEYISIKHULU seBosassa uMnuz Angelo Agrizzi, uthumele uNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Ronald Lamola amasamanisi, ekhala ngokuthi umnyango awukusukumelanga ukugula kwakhe.
U-Aggrizzi, owaduma ngokuchakida amagama abantu ebasola ngenkohlakalo uthi ngesikhathi eboshiwe akanakwanga futhi isimo sempilo yakhe saba sibi kakhulu. Ubelokhu engemuhle kahle empilweni aze angafiki nasenkantolo uma kuzolalelwa icala lakhe.
Emaphepheni abhalwe ngummeli wakhe uMnuz Mannie Witz, uthi u-Agrizzi wagqunywa ejele eJohannesburg Central ngo-Okthoba 2020, emuva kokunqatshelwa ibheyili. Uveza nokuthi ngaphambi kwalokho wayedalule wonke amaphepha nezincwadi zodokotela eziveza kabanzi ngesimo sempilo yakhe edalula nesifo sikashukela.
U-Agrizzi ubevame ukuvela enkantolo ephethe isigubhu nepayipi elixhume emakhaleni elimsiza ukuphefumula. Ummeli uthi ngesikhathi esejele wahlolwa ngumhlengikazi owayebonakala ukuthi akazi kahle ngezindaba zemishini yokuphefumula.
Uthe emuva kwalokho u-Agrizzi wathathwa wayogqunywa esitokisini wangaluthola usizo lwezempilo olufanele.
“Emuva kwalokho watholakala esitokisini edindilizile waphuthunyiswa esibhedlela ngenhlanhla wathola usizo, wavuka qingqo. Wadluliselwa esibhedlela esizimele lapho afike wangeniswa egunjini labagula kakhulu wahlala izinsuku ezingu-50,’’ kusho ummeli.