KONKE kumi ngomumo ngengqungquthela yokukhetha ubuholi bophiko lwezingwevu ze-ANC, (ANC Veterans League) ezobanjelwa eBoksburg kule mpelasonto.
Umbango uphakathi kukaSnuki Zikalala okunguyena ophethe lolu phiko noTony Yengeni ongumakade ebona kwezepolitiki.
Lokhu kuzobe kusho ukuthi i-ANC iqedile ngezingqungquthela zokukhetha ubuholi bophiko lwayo. Kuzokhumbuleka ukuthi kuqale kwakhetha i-ANCYL kwalandela i-ANCWL njengoba sekuyi ANCVL.
Kubukeka uZikalala ezophinde akhethwe futhi uma ulandela okwenzeka kulezi zingqungquthela. Isikhathi esiningi kubukeka kunqoba labo abadlelana noMengameli uCyril Ramaphosa. UZikalala waziwa ngokuthi weseka uRamaphosa.
Kanti ngakolunye uhlangothi uYengeni kuyaziwa ukuthi akayingeni indaba kaRamaphosa nokuyinto engase imenze agcine engakhethwanga.
UNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula usanda kuzwakala ethi, lengqungquthela kaBhut Snuki iyona ezomenza alale akhululeke, ayifani neye ANCYL kanjalo neye ANCWL. “Le kabhut Snuki ayizoba nankinga, uYengeni akalawuleki,” kusho uMbalula.
UMbalula uyena ozovula le ngqungquthela namhlanje kuthi uRamaphosa ayivale ngesonto, uma konke kuhambe ngokohlelo.