UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthi uhulumeni wokubambisana ophethe kuzwelonke uzoqhubeka nokusebenza noma kungakhona amaqembu aphumayo.
UMbalula uthe bakulindele ukuthi kube khona amaqembu aphumayo ngokuhamba kwesikhathi kodwa wathi lokho ngeke kuguqise uhulumeni wokubambisana.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma kwisithangami nabezindaba, ngoLwesithathu. Uhulumeni wokubambisana wakhiwe ngamaqembu awu-10 athola u-70% wamavoti okhethweni.
Phakathi kwamaqembu ayingxenye yokubambisana kukhona iDA, IFP, PA namanye.
Kuvele sekukhona ukungaboni ngasolinye emaqenjini abambisene ngoba i-ANC neDA bethibelene ngodaba lokuphathwa kwesifundazwe, iGauteng.
EGauteng alikho iqembu elathola amavoti anele ukuthi libuse ngokuzimela.
I-ANC, DA namanye amaqembu ayingxenye yohulumeni wokubambisana anezihlalo ezanele ukuthi aphathe iGauteng, kodwa amaqembu ayehluleka ukuvumelana ngokwabiwa kwezikhundla.
Umdonsiswano usuholele ekutheni kube nokwesaba ukuthi ukwehluleka kwamaqembu ukuvumelana eGauteng, kungaphazamisa ukusebenza kwawo kuhulumeni kazwelonke.
Kepha uMbalula uthe uhulumeni wokubambisana uzoqhubeka nokuphatha noma kungakhona abashiyayo.
Ubeke kanje uMbalula: “Uhulumeni wokubambisana uzohlezi ukhona. Vele kuzokuba khona amaqembu azobuye aphume ngokuhamba kwesikhathi, uma ebona mhlawumbe ukuthi uhulumeni wokubambisana awuwasebenzeli. Ngesikhathi kukhona amaqembu aphumayo kukhona lawo azophinde angene. Ngakho-ke abantu kufanele babeke phansi amaphaphu.”
UMbalula uveze ukuthi basazimisele ngokusebenzisana neDA eGauteng kodwa wathi abavumelani nalokhu okufunwa yiDA. UMbalula uqhube wathi iDA ishintshe isivumelwano abebe naso.
Uthe iDA yayikade ifune izikhundla ezintathu kuhulumeni waseGauteng, kodwa yabuye yashintsha yathi ifuna ezine.
“Ngeke sikwazi ukuhlangabezana nalezi zimfuno zabo. Into okufanele bayazi ukuthi asikhulumi nabo kuphela lapha eGauteng, kukhona amanye amaqembu esixoxa nawo.”
Ukumenyezelwa kwekhabhinethi laseGauteng, sekuze kwahlehliswa kwabili ngenxa yokungavumelani kwalamaqembu.
NgoLwesithathu uNdunankulu, uMnuz Panyaza Lesufi, umemezele ikhabhinethi lakhe. ULesufi ubethe uzolimemezela ikhabhinethi lakhe noma ngabe iDA ayivumi ukusebenzisana nabo.
“Ngeke ngize ngikuhlehlise kulokhu ukumenyezelwa kwekhabhinethi,” kusho uLesufi obekhuluma esithangamini nabezindaba.
Ebuzwa ukuthi bazosebenzisana namaphi amaqembu, uLesufi uthe bazosebenzisana nawo wonke amaqembu anezihlalo esiShayamthetho sesifundazwe. Amaqembu anezihlalo eGauteng kukhona iMK, ne-EFF abengeyona ingxenye yohulumeni wokubambisana.
ULesufi ukuphikile ukuthi benza okuphambene nokuvunyelwene ngakho kuzwelonke.
IDA ithe isazimisele ngokusebenzisana ne-ANC uma ingavumelana nemibandela yayo.
Usihlalo woMkhandlu weDA, uNkk Hellen Zille, uthe uma i-ANC ibashiya ngaphandle eGauteng, bazokwamukela ukuba yiqembu eliphikisayo.
UNkk Zille uthe uma beshiywa ngaphandle eGauteng, ngeke bahoxe kuzwelonke naKwaZulu-Natal, lapho bebambisene khona ne-ANC namanye amaqembu.