IZIHLATHI zivakashela izindlebe kwabahola isibonelelo sabangasebenzi sikaR350 emva kokuthi uNgqongqoshe weziMali, uMnuz Enoch Godongwana, ememezele ukuthi sizoholwa kuze kube wuMashi 31 ka-2024.
UNksz Tlou Seopa, wenhlangano ekhankaselaukuthi kube nesibonelelo esingunaphakade sabangasebenzi, i-Amandla.Mobi, uthe bayakwamukela ukululwa kwesibonelelo sikaR350 kuze kube wu-2024 kodwa abaneme ngokuthi asikaphumi isinqumo sokusenza sibe ngunaphakade.
“Sijabulile ukuthi isibonelelo sabangasebenzi siluliwe kodwa sifuna kube nesisombululo sokusenza siholwe ingunaphakade. Sifisa iNingizimu Afrikaibe nesibonelelo esisiza abangasebenzi esizoqala kuR1 335 kuya phezulu. Kufanele kulungiswe nezinkinga zokuthi abantu bangasitholi isibonelelo sikaR350 ngoba kuthiwa bahola i-UIF neminye imihlomulo ebakhipha ngaphandle,” kusho uNksz Seopa.
UGodongwana uthe ukuze isibonelelo sabangasebenzi siholwe ingunaphakade, kuyofuneka uhulumeni anciphise imali ayisebenzisa ezintweni ezithile noma kube khona lapho ezoyithola khona. Uthe izingxoxo zokubheka ukuthi isibonelelo sabangasebenzi esiwunaphakade siyenzeka eNingizimu Afrika ziyaqhubeka.
Ngaphandle kwesibonelelo sabangasebenzi, uGodongwana ujabulise abantu baseGauteng ememezela ukuthi uhulumeni uzokhokha u-70% wesikweletu sama-e-tolls bese uhulumeni walesiya sifundazwe akhokhe u-30% futhi kube nguyena onakekela u-201km womgwaqo okukhona kuwo ama-e-tolls.
Uthe lokhu akusho ukuthi ama-e-tolls azodilizwa kodwa azolokhu ekhona futhi wuhulumeni waseGauteng ozothatha isinqumo sokuthi uwasebenzisa kanjani.
Isikhulu esiphezulu senhlangano, i-Organisation Undoing Tax Abuse (Outa), uMnuz Wayne Duvenage, sithe bayasamukela isixazululo sikaGodongwana sokukhokha uR23.7 billion wesikweletu sama-etolls kodwa-ke lokhu akusona isixazululo sesikhathi eside.
Uthe bakhathazekile njengoba le migwaqo isizonakekelwa wuhulumeni waseGauteng ekubeni iSouth African National Roads Agency Limited (Sanral) ithola isabelomali sokunakekela imigwaqo emikhulu yakuleli.
UGodongwana uthe bazokhokha nengxenye yesikweletu se-Eskom lapho bezofaka uR400 billion kodwa banemibandela abafuna ilandelwe ngaphambi kokuthi bakhokhe lesi sikweletu.
Uveze ukuthi bafuna i-Eskom ikwazi ukuzimela, iyeke ukutakulwa njalo.Uthe bazoqinisekisa ukuthi banciphisa imicikilisho yabazikhiqizela ugesi ukuze abantu bakuleli banganciki kakhulu kwi-Eskom.
Bazofaka uR2.9 billion eTransnet ukuvuselela ingqalasizinda yezitimela ikakhulukazi eyalinyazwa yizikhukhula. Inkampani ekhiqiza izikhali, iDenel, izonikwa uR3.4 billion ukuze ikwazi ukuba nozinzo.
UGodongwana uthe kuzobuye kube noR1.8 billion ozovela ekudayisweni kwempahla yakwaDenel ozosiza le nkampani ukuthi isebenze kwi-oda layo likaR12 billion esanda kulithola.
Kwingqalasizinda, uGodongwana uthe bazosebenzisa uR389 million ukwakha amabhuloho awu24 ezindaweni zasemakhaya ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi yiWelisizwe Rural Bridges, bafake uR500 million ohlelweni lokuthuthukiswa kobuchwepheshe boMnyango wezaseKhaya oluzoqasha abantu abasha abawu-10 000 iminyaka emithathu.
Ubeke noR118 million wokulungisa iPhalamende. Mayelana namaholo abasebenzi bakahulumeni, uGodongwana uthe u-3% yiyona mali ekhona emgodleni wakhe, wakhala ngokuthi uhulumeni unesikweletu esikhulayo esingaphezulu kukaR4.7 trillion.
Lesi sikweletu sasiwuR627 billionngo-2008/9. Uthe bakhokha uR355.2 billion wenzalo njalo ngonyaka.