AMABUTHO athembise ukuqhubeka nokweseka iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, nobukhosi baso obuphonselwa inselelo enkantolo.
Izinkumbi zamabutho beziviliyela ngaphandle kweNkantolo eNkulu ePitoli, lapho kuthethwa khona icala elithinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu, afunge agomela ukuthi azokufa lapho kufa khona iSilo.
Amacala aqulwa enkantolo aphonsela inselelo isinqumo sikaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
Kuleli cala kuhlanganiswe izicelo ezimbili.
Esokuqala sifakwe nguMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, kanti esesibili sifakwe abeseka uMntwana uBuzabazi Mbuzeli kaZwelithini, okuhlanganisa nabafowabo beSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, abaNtwana uMbonisi, Mathubesizwe noVulindlela.
Umdidiyeli wamabutho kaZulu, uMntwana uVanana Zulu, uthe balindele ukuthi inkantolo iqinisekise ukuthi kwalandelwa yonke imigomo ngesikhathi kuqokwa iSilo.
“Silindele ukuba ijaji likhiphe isinqumo esiqondile, ukuzei bazi namhlanje ukuthi inkosi yinye. Ayikho enye inkosi kwaZulu, inkosi yiyo le Indlulamithi kaZulu. Ngokokuzalwa, ngokusemthethweni, nangokosiko yiyo le ingonyama, ayikho enye.”
UMntwana uVanana uthe bona ngokwabo akekho ofanelwe ukuhlala esihlalweni sobukhosi bukaZulu, ngaphandle kweSilo uMisuzulu.
“Kuphela nje, sibheka laba esingazi ukuthi bangenwe yini abathi bafuna ubukhosi. Bazalwa obani laba abathi bafuna ubukhosi? Lona obanga ubukhosi uzalwa yimuphi undlunkulu ngoba ondlunkulu beSilo esikhotheme bayisithupha? Undlunkulu ozala ingonyama esesihlalweni walotsholwa yisizwe sikaZulu. Sonke lapha sakhipha izinkomo kwayolotsholwa undlunkulu.”
Umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu usudonse isikhathi eside njengoba uqale ngo-202, emva kokukhothama kukaMdlokombane.
UMntwana uVanana uthe unalo ithemba lokuthi beyindlunkulu bazogcina bekwazile ukubuyisana kepha wathi labo abamelene neSilo komele bazehlise.
“Kungakhona ukuthelelana amanzi uma bengase babuye bezokuthi ‘Hlanga lomhlabathi konakala, sasingaboni ngaso linye’. Inkosi izobamukela ngoba ayikaze ixabane nabo.”
UMntwana uVanana uthe bazoqhubeka nokuhlala ngaphandle kwenkantolo kuze kuphothulwe ukulalelwa kwecala, nokuhlelwe ukuba kuphothulwe kusasa.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala amabutho abelokhu ecula izingoma ezikhombisa ukweseka iSilo uMisuzulu.