SIYALELWE ukuthi singalubhadi enyuvesi, sibuyise ikhadi lokungena enyuvesi kanjalo ne-laptop isikhulu senyuvesi i-Unisa esimiswe ngumphathi walesi sikhungo, uSolwazi Puleng LenkaBula.
USolwazi Steward Mothata ongu-registrar wale nyuvesi, uyalelwe nokuthi ahlale etholakala ocingweni ngesikhathi somsebenzi phakathi kuka-7.45 kuya ku-4 ntambama.
Okhulumela le nyuvesi uMnuz Tommy Huma esitatimendeni, ukuqinisekisile ukuthi uMothata umisiwe.
Uthe ubhalelwe incwadi enezizathu ezichaza izinto amiselwe zona.
“Wudaba lolu oluphakathi kukaMothata kanjalo nenyuvesi ngakho ngeke size sande kakhulu emphakathini ngezizathu zokumiswa kwakhe. Sikhathazekile ngezinsolo ezisabalele zokuthi utshele abezindaba ukuthi umiselwe ukukhuluma iqiniso. Sifuna ukucacisa ukuthi umiselwe ukuphula imigomo yokuziphatha yenyuvesi.”
UHuma uveze nokuthi bekubalulekile ukuthi amiswe ukuze inyuvesi iqhubeke nokusebenza ngendlela.
“Sibona ukuthi kulandelwe yonke imigomo ngaphambi kokumiswa kukaMothata. Sifisa ukwazisa umphakathi ukuthi inyuvesi iyaqhubeka nomsebenzi wayo wansuku zonke. Abasebenzi banxuswa ukuthi baqhubeke nokweseka izinhlelo zokufunda nokufundisa.”
Incwadi yokumisa uMothata Isolezwe eliyibonile, iveza ukuthi umiselwe ukungabi neqiniso, ukudalula izimfihlo nokuxhaphaza amandla ehhovisi lakhe kanjalo nokungazisi umphathi wenyuvesi, umkhandlu olawula lesi sikhungo kanjalo namakomiti ngezinto ezithinta ukuphatha.
Uzomiswa izinsuku ezingekho ngaphezu kwezingu-90, kanti ngalesi sikhathi uzobe ewuthola umholo wakhe kanjalo nemihlomulo.
Umbiko womphenyi ozimele owajutshwa nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqesha uDkt Blade Nzimande ukuphenya ngezinkinga kule nyuvesi, uthole ukuthi uSolwazi LenkaBula, uphethe ngesandla sensimbi.
Lo mbiko uNzimande asematasa nawo, uveza nokuthi wathengelwa imoto ebiza uR1.9 million, i-Mercedes-Benz GLE 400d, ekubeni imali okwakumele isetshenziswe nguR1.2 million.